Baqalile ukuqopha abalingisi abasha beThe Queen
UZOGADLA ngabalingisi abasha umdlalo ongomunye wehamba phambili kuleli, iThe Queen, edlala kuMzansi Magic (161), ngo-9 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Ngokwamazwibela athunyelelwa abezindaba okusuke kubikwa okuzokwenzeka kuleyo nyanga, kuvele amagama abalingisi abasha kuwona abazoqala ngenyanga ezayo kulo mdlalo. Kubona kukhona insizwa eyazakhela igama kuZalo, uNay Maps. Ezobe elingisa indawo kaDingani, ozoqala ukubonakala kuwo ngoOkthoba 9.
Umlingisi walo mdlalo uBrutus (Themba Ndaba), useqalile ukukhuluma ngalo mlingisi athi yindodana yakhe esejele.
Omunye wabalingisi abazobonakala kuwo intokazi ebisinyamalele isikhathi eside kuthelevishini, uZukisa Matola. UZukisa wazakhela igama kwiGenerations. KwiThe Queen, uZukisa uzolingisa indawo kaNomzamo oyinkosikazi kaS’khumbuzo (Simo Magwaza).
Akubona kuphela laba balingisi abazobonakala kulo mdlalo njengoba kuzobonakala nentokazi esizakhele igama ekulingiseni, u-Omuhle Gela, ozolingisa indawo yendodakazi kaS’khumbuzo engaziwa.
Kulo mdlalo uzoqala ukubonakala ngoOkthoba 8, elingisa indawo kaKhumbuzile.
Kuwona kuzophinde kwethulwe umlingisi omusha osathuthuka endimeni yokulingisa, uTshepo.
UKarabo Morogwa woMzansi Magic, uthe bonke laba balingisi sebeqalile ukuqopha kulo mdlalo.
Kwenzeka lokhu nje kusanda kugqashuka igoda phakathi komlingisi uSK “Shaka” Khoza nabaphathi balo mdlalo okunguShona noConnie Ferguson.
USK kuvele ukuthi uzogcina ngenyanga ezayo ukubonakala kulo mdlalo.
Lo mlingisi kuvela ukuthi ukhonjwe indlela emuva kokungalaleli imiyalelo yabaphathi bakhe okukhona kuyona ukungafiki ngesikhathi emsebenzini.
NgoMsombuluko inkampani iFerguson Films ikhiphe isitatimende lapho ibifisela khona lo mlingisi konke okuhle njengoba esehamba.