Kubi koshaywe esolwa ngokuloya
KUBONWA ngokusa kowesifazane oneminyaka engu-55 waseMhlathuze, eShowe ohlaselwe ngamadoda aziwayo okuthiwa angomakhelawne bakhe, amshaya ngoba emsola ngokuthakatha.
UMnuz Ntokozo Dladla, okushaywe unina omncane, utshele Isolezwe ukuthi kugule ingane yakwamakhelwane kwathi uma kufika umbiko wokuthi ishonile ngeSonto ntambama abafana bakwamakhelwane bahlasela umamncane wakhe, uNkk Beatrice Makhosazana Dladla, bemsola ngokuthi uyena oyithakathile.
“Siphatheke kabi siwumndeni wakwaDladla ngoba umamncane uhlaselwe ngabafana bakwamakhelwane bemsola ngokuthakatha. Umamncane ubehleli yedwa kwafika abafana bakwamakhelwane bathi uyibulale ngomuthi ingane ebigula. Ngesikhathi bemshaya bebethi babulala umthakathi. Usizwe wukulanyulelwa omakhelwane abafike bakhuza kodwa eselimele kakhulu,” kuchaza uDladla.
Uthe omakhelwane babize amaphoyisa afike nabosizo oluphuthumayo bamphuthumisa esibhedlela kwavulwa necala.
“Umamncane ubelimele kakhulu ebusweni. Sibonga amaphoyisa aphuthumile ngesikhathi ebizwa ngoba asazi ukuthi ngabe kwenzekeni ukube awaphuthumanga. Siyacela umthetho usebenze ngoba kukhulunywa njalo ngokuhlukunyezwa kwabesifazane. Asazi kungani besukela umamncane ngokuthi uyathakatha,” kusho uDladla.
Uthe usalaliswe esibhedlela kwazise ubelimele kakhulu.
UCaptain Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-22 ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
“Ummangali ubike ukuthi ngeSonto ngabo-5 ntambama wahlaselwa yindoda eneminyaka ewu-22. Owesilisa okuthiwa washaya owesifazane uboshwe ngamaphoyisa. Ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseShowe izolo,” kusho uCaptain Gwala.
Imiphumela yecala ayikaziwa njengoba idokodo lisesenkantolo.