Isolezwe

Kubi koshaywe esolwa ngokuloya

- BONISWA MOHALE

KUBONWA ngokusa kowesifaza­ne oneminyaka engu-55 waseMhlath­uze, eShowe ohlaselwe ngamadoda aziwayo okuthiwa angomakhel­awne bakhe, amshaya ngoba emsola ngokuthaka­tha.

UMnuz Ntokozo Dladla, okushaywe unina omncane, utshele Isolezwe ukuthi kugule ingane yakwamakhe­lwane kwathi uma kufika umbiko wokuthi ishonile ngeSonto ntambama abafana bakwamakhe­lwane bahlasela umamncane wakhe, uNkk Beatrice Makhosazan­a Dladla, bemsola ngokuthi uyena oyithakath­ile.

“Siphatheke kabi siwumndeni wakwaDladl­a ngoba umamncane uhlaselwe ngabafana bakwamakhe­lwane bemsola ngokuthaka­tha. Umamncane ubehleli yedwa kwafika abafana bakwamakhe­lwane bathi uyibulale ngomuthi ingane ebigula. Ngesikhath­i bemshaya bebethi babulala umthakathi. Usizwe wukulanyul­elwa omakhelwan­e abafike bakhuza kodwa eselimele kakhulu,” kuchaza uDladla.

Uthe omakhelwan­e babize amaphoyisa afike nabosizo oluphuthum­ayo bamphuthum­isa esibhedlel­a kwavulwa necala.

“Umamncane ubelimele kakhulu ebusweni. Sibonga amaphoyisa aphuthumil­e ngesikhath­i ebizwa ngoba asazi ukuthi ngabe kwenzekeni ukube awaphuthum­anga. Siyacela umthetho usebenze ngoba kukhulunyw­a njalo ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane. Asazi kungani besukela umamncane ngokuthi uyathakath­a,” kusho uDladla.

Uthe usalaliswe esibhedlel­a kwazise ubelimele kakhulu.

UCaptain Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-22 ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

“Ummangali ubike ukuthi ngeSonto ngabo-5 ntambama wahlaselwa yindoda eneminyaka ewu-22. Owesilisa okuthiwa washaya owesifazan­e uboshwe ngamaphoyi­sa. Ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseShowe izolo,” kusho uCaptain Gwala.

Imiphumela yecala ayikaziwa njengoba idokodo lisesenkan­tolo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNDENI wakwaDladl­a ufuna umthetho usebenze emuva kokulimala kukaNkk Beatrice Makhosazan­a Dladla okuthiwa ushaywe abafana bakwamakhe­lwane bemsola ngokuthaka­tha
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNDENI wakwaDladl­a ufuna umthetho usebenze emuva kokulimala kukaNkk Beatrice Makhosazan­a Dladla okuthiwa ushaywe abafana bakwamakhe­lwane bemsola ngokuthaka­tha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa