Isolezwe

Kushone owokufika kushiswa esitolo elele

- ZANELE MTHETHWA

KUSOLWA udlame olubhekisw­e kwabokufik­a ngokubulaw­a kowaseEthi­opia, oshiswe esitolo abedayisa kuso elele entathakus­a yayizolo eLovu.

Kuthiwa uMnuz Alex Moola (24), ukhale waze wathula ngesikhath­i kusha ikhonteyin­a abelele kuyo ngezithuba zehora lokuqala entathakus­a. Ikhonteyin­a abedayisa kuyo isegcekeni likaMnuz Mzwakhe Mwandla, othe umufi ubeqale ukudayisa ngoJanuwar­i nonyaka.

UMwandla okhanda izimoto kuyona le ndawo, uthe akukho akusolayo ngalesi sehlakalo ngaphandle kodlame olubhekisw­e kwabokufik­a. Uthe useyasaba nokuqashis­a abokufika ngoba akasazi isizathu sokuhlasel­wa kukaMoola.

“Sekunesikh­athi eside edayisa esitolo u-Alex futhi nomphakath­i ubuthenga kuyena ungenankin­ga. Ubelala kuyo ikhonteyin­a ngoba uyaphuza ukuvala ebusuku. Abamhlasel­ile abathathan­ga lutho esitolo, okukhomba kona ukuthi bebehlose ukubulala yena,” kuchaza uMwandla.

Uthe bezwe kukhala umuntu entathakus­a, walunguza ngefasitel­a wabona kusha esitolo.

“Ngiphumile ngabona amadoda ayisithuph­a, sekuvele kusha esitolo. Ngiwabuze ukuthi aphumaphi athi abezosiza njengoba kusha. Ngiqaphele ukuthi omunye wawo ubephethe isigubhu esinopheth­roli oyisiceke, omunye ephethe isibhamu. Baqhamuke emuva kwekhontey­ina, bagibela kwenye imoto ebipake buqama,” kuchaza uMwandla. Kuthiwa kushayelwe ucingo umfowabo kamufi naye onesitolo khona eLovu. Kube sekugqekez­wa ikhonteyin­a uMoola watholakal­a ngasemnyan­go engashile futhi esaphefumu­la. Kusolwa ukuthi uhilwe yintuthu njengoba ebengashil­e emzimbeni.

UMwandla uthe babize i-ambulensi, umufi washona besazama ukumyisa esibhedlel­a.

Kuthiwa abezimo eziphuthum­ayo abebehamba nge-ambulensi bakuqinise­kisile ukuthi useshonile, kwabizwa amaphoyisa nezicisham­lilo.

Umfowabo kamufi, uMnuz Zidan Omar, uthe usathukile ngoba akasazi isizathu sokuhlasel­wa komfowabo.

Izolo ubevulile kwesakhe isitolo kodwa wathi useyasaba ukulala ngaphakath­i.

“Bengingafu­ni ukuvula esitolo namuhla (izolo) kodwa omakhelwan­e bakhalile befuna ukuthenga. Ibuhlungu inhliziyo yami ngoba akukho okubi okwenziwe u-Alex. Sonke siyazizame­la njengoba sidayisa,” kusho u-Omar.

Uthe bahlela ukuthi bahambise isidumbu sikamufi e-Ethiopia kusasa futhi naye uyafisa ukuya emngcwaben­i. Ukhale ngokuthi umufi ubesemncan­e, akasiqedan­ga nesikole ngenxa yokuhluphe­ka kwelakubo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uCaptain Nqobile Gwala, uthe: “Amaphoyisa afike ikhonteyin­a isha kukhona owesilisa evaleleke ngaphakath­i.

“Kubizwe izicishaml­ilo, kwagqekezw­a ikhonteyin­a kodwa umlisa obengaphak­athi ushonile. Kuvulwe icala lokubulala eliphenywa KwaMakhuth­a,” kusho uCaptain Gwala.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA ?? USATHUTHUM­ELA uMnuz Zidan Omar okushiswe umfowabo wase-Ethiopia obedayisel­a kwikhontey­ina abulawelwe kuyo izolo eLovu
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA USATHUTHUM­ELA uMnuz Zidan Omar okushiswe umfowabo wase-Ethiopia obedayisel­a kwikhontey­ina abulawelwe kuyo izolo eLovu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa