Isolezwe

Bakhombise ubudoda babo bemashela isihlava

- ZANELE MTHETHWA

ASHIYE umsebenzi amashela ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane amadoda asebenza kuMasipala weTheku izolo aze athi azoqhubeka nokulwa nalesi sihlava.

Amadoda asebenza ezinhlaken­i ezehlukene kumasipala abehambisa­na neMenenja yeTheku uMnuz Sipho Nzuza. UNzuza uthe baqoke ukungena emgwaqweni bakhombise ukuthi abahambisa­ni nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane. Uthe bafuna ukudlulisa umyalezo wokuthi isizwe ngeke sibe yilutho ngaphandle kwabesifaz­ane yingakho kumele bavikelwe.

“Sifuna ukutshela amanye amadoda ukuthi ukuba namandla nokuba yindoda akukhonjis­wa ngokuhluku­meza abesifazan­e nezingane. Laba bantu bayigugu lesizwe, ngeke sibe yilutho ngaphandle kwabo,” kusho uNzuza.

Uthe ngeke kugcine ngale mashi kodwa banezinye izinhlelo zokukhutha­za abesilisa ukuthi bavikele abesifazan­e. Uveze ukuthi kunethimba labaphathi elizoqhube­ka nezinhlelo zinyanga zonke ukukhuthaz­a ukulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane.

UMnuz Siyanda Mzele, osebenza ophikweni lwezindaba zabasebenz­i, uthe uthintekil­e ngezigamek­o zokubulawa kwabesifaz­ane. Uthe ubone kufanele naye asukume njengendod­a akhuze abenzi bobubi. UMzele uthe bazowudlul­isa umyalezo wokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kuzo zonke izindawo abahlangan­a kuzo namanye amadoda.

Kwezinye izingqwemb­e ebezipheth­we kule mashi kukhona nobelubhal­we ukuthi ‘Ukushweba Is Part of Life.’ UMnuz Thabani Zungu, obephethe lolu qwembe, uthe ufundisa abanye abesilisa ukuthi ukushweba uma ushela entombini noma ukwaliwa akusho ukuthi sekumele uyibambe ngenkani.

“Kade sasishweba futhi akekho owesilisa ongathi akaze ashwebe. Amadoda kumele amukele uma owesifazan­e enqaba adlulele phambili,” kuchaza yena.

UNzuza nabanye ozakwabo kumasipala basayine ebhukwini lokuziboph­ezela ekulweni nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane. Imashi iqale ngaseWorks­hop eThekwini yaphelela eCity Hall.

 ??  ?? INGXENYE yamadoda asebenza kuMasipala weTheku izolo amashele ukuqwashis­a ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane nezingane
INGXENYE yamadoda asebenza kuMasipala weTheku izolo amashele ukuqwashis­a ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane nezingane
 ?? Izithombe: LEON LESTRADE/ANA ?? AMADODA abephume ngobuningi ephethe izingqwemb­e eziyixoxa kahle indaba kuqwashisw­a ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane nezingane
Izithombe: LEON LESTRADE/ANA AMADODA abephume ngobuningi ephethe izingqwemb­e eziyixoxa kahle indaba kuqwashisw­a ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane nezingane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa