Kujutshwe 1 500 wamavolontiya azoqapha izikole
LWETHULWE ngokusemthethweni uhlelo lokutshalwa kwamavolontiya azoqapha ukuphepha ezikoleni ezikhonjwe njengezinezinga eliphezulu lobugebengu nodlame, KwaZuluNatal.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo obelwethulwa esikoleni Ukusa High esiseHammarsdale izolo, uthe banethemba lokuthi ukujutshwa kwamavolontiya angu-1 500 azoqapha ezikoleni kuzolekelela kakhulu ukwehlisa izinga lokusetshenziswa kwezidakamizwa nobugebengu ezikoleni zakulesi sifundazwe.
Ekhuluma nezintatheli, uMshengu ugcizelele ukuthi umphakathi kumele usebenzisane namaphoyisa ukubika ukwebiwa kwempahla okubalwa kuyo amakhompyutha nokunye.
Uveze ukuthi umnyango wakhe usebenzisane noMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal oholwa uMnuz Bheki Ntuli, okuyiwona obuwengamele lonke uhlelo lokuqeqeshwa kwamavolontiya. Uthe amanye amavolontiya angu-1 500 azophinde ethulwe ngasekuqaleni konyaka ozayo ukuqinisekisa ukwandisa kwesibalo sezikole ezihlomula ngaphansi kwalolu hlelo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala obekhona kulo mcimbi, uthe izehlakalo zobugebengu ezikoleni ngeke zibekezelelwe. Uthe lolu hlelo luzosatshalaliswa kusona sonke isifundazwe.
Uthe izikole kumele zibiyelwe, kuvalwe amasango ukuqinisekisa ukuthi abafundi nothisha nabo bonke abasebenza ezikoleni bavikelekile.
UMnuz Mathemba Mabija onguNobhala weNational Teachers Union esifundeni saseMgungundlovu, uthe uhulumeni noMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe kumele banikeze amavolontiya ukuqeqeshwa okusezingeni lamaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi ayakwazi ukubhekana nobugebengu ezikoleni.
“Akucaci noma lawa mavolontiya anikezwe uqeqesho olwanele olufuze olunikezwa amaphoyisa akuleli noma aqeqeshwe kuphela njengonogada. Izinselelo ezibhekene nezikole zidinga abantu abaqeqesheke ngokwanele,” kusho uMabija.
USihlalo weSouth African Democratic Teachers Union KwaZuluNatal, uMnuz Phumlani Duma, uthe beyinyunyana bayaluxhasa kakhulu lolu hlelo lwamavolontiya.
“Siyinyunyana enamalungu amaningi esifundazweni. Ngakho-ke noma ngabe yiluphi uhlobo lodlame olwenzeka ezikoleni luhlukumeza amalungu ethu,” kusho uDuma.
Ngaphambi kokuba kwethulwe lolu hlelo kuqalwe ngemashi ebisuka enxanxatheleni yezitolo kule ndawo yaphelela esikoleni. Kule mashi abafundi bakulesi sikole nezikhulu zikahulumeni nomphakathi bebephethe izingqwembe ezigxeka ubugebengu nodlame ezikoleni.
NgoJulayi nonyaka kuhlaselwe kwabulawa onogada ababili abebesemsebenzini kulesi sikole obekwethulwa kuso uhlelo.