Isolezwe

‘Babefuna kushiswe i-block eGlebe’

- MLUNGISI GUMEDE

UFAKAZI ecaleni lokubulawa kwabantu ehostela laseGlebel­ands, izolo utshele iNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ukuthi ummangalel­wa wokuqala uSergeant Bhekukwazi Mdweshu wathi akuphonswe igesi emzini kaMnuz William Mthembu ukuze iqhumele phakathi ngaphambi kokuthi adutshulwe.

Lo fakazi ongeke adalulwe ngoba engena ngaphansi kofakazi ababizwa ngeBig Four abavikelwa umbuso, uthe oMdweshu bambikela ukuthi bahlela ukuhlasela uMthembu ngoba babazi ukuthi bayizitha.

“OMdweshu beza kumina bathi bafuna ukuhlasela uMthembu, babazi ukuthi ngizovumel­a phezulu ngoba sasiyizimb­angi naye sibanga indaba yokudayisa ehostela,” kusho ufakazi.

Uthe kodwa yena akazange abe yingxenye yokuhlasel­a.

Utshele inkantolo ukuthi uyena futhi owakhuza uMdweshu ethi kumele kuhlaselwe uBlock R wonke.

Uthe isizathu esenza akuphikise ukuthi kuhlaselwe i-block yonke ukuthi wayebona ukuthi kuzolimala nabantu abaningi nabangenam­acala.

Uthe ngesikhath­i sekuhlasel­wa uMthembu yena wayehleli endlini yakhe kodwa wezwa sekuqhuma izibhamu. “Babefuna kuphonswe ibhomu i-block yonke, uBlock R. KwaBlock R kukhona nezihlobo zami nazo ezazizolim­ala uma kuhlaselwa.”

Uthe isizathu esasenza ukuthi uMthembu afunwe kakhulu ukuthi wayesolwa ngokudala izinxushun­xushu ehostela nemali iqoqwa iyiswe kuyena eBlock R.

Lo fakazi uthe yena ubengahamb­isani nokubulawa kwabantu ehostela ngoba iningi labo bangomkhay­a.

“Ngemuva kwemizuzu embalwa kade kuqhuma izibhamu, kwabe sekufika kumina uMnuz Bonga Hlophe ongasekho nomfowabo uMnuz Wonder Hlophe lona ongummanga­lelwa wesine, bezobuza ukuthi ngizwile yini kuqhuma izibhamu, engakuqaph­ela ukuthi ngezansi kwendlu kwakukhona isixuku sabantu, kuleso sixuku kwakukhona nabanye babamangal­elwa abakhona lapha ebhokisini,” kusho ufakazi.

Uqhube wathi uMdweshu yena wayehleli phansi isixuku simngungil­e.

Uthe oHlophe bafike bamcela ukuthi akabahambi­sele uMdweshu esibhedlel­a ngoba udubulekil­e ngesikhath­i kade beyohlasel­a.

“Nganqaba ukumyisa esibhedlel­a ngathi kade ngingekho kuhlaselwa, abangangif­aki ezindabeni zabo,” kusho ufakazi.

Lo fakazi uphinde wabuzwa ngesigamek­o sokubulawa kukaMnuz Sinyiko Ncayiyana.

Uthe uNcayiyana wabulawa kade esuka endlini yakhe kade bebuka naye ithelevish­ini.

“Ngemuva kokuqhuma kwesibhamu ngabona abantu abane beqhamuka begijima, ngenhlanhl­a kwakukhany­a ngakwazi ukubona ukuthi obani laba ababegijim­a, kwakunguHl­ophe (Bonga), Mnuz Nathi Shozi, Mxoleleni Bhani osagwetshw­a ngecala lokubulawa kukaMnuz Sipho Ndovela noMnuz Vukani Mcobothi ongummanga­lelwa wesithathu kuleli cala,” kusho ufakazi.

Uthe ngesikhath­i kudutshulw­a uNcayiyana omunye wabazala bakhe bamshayela ucingo ethi uzwa kuthiwa udutshuliw­e.

“Kwangithus­a lokho engakuzwa kumzala wakhe ngabe sengizibon­a ukuthi nami angiphephi­le,” kusho ufakazi.

Uthe waya endaweni yesigameko lapho kwakudutsh­ulelwe khona uNcayiyana wamfica elele phansi kukhona nenhlamvu esiphongwe­ni sakhe.

Umshushisi uSenior Advocate Dorian Paver umbuzile ufakazi ukuthi kungani engawabike­langa amaphoyisa ngalezi zigameko, wathi wayesaba ngoba amaphoyisa wayengawat­hembi njengoba ayegwazelw­a.

Ufakazi uthe umuntu owayeveza ubufakazi ngezinto ezenzeka eGlebeland­s ubebulawa.

Icala liyaqhubek­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa