‘Babefuna kushiswe i-block eGlebe’
UFAKAZI ecaleni lokubulawa kwabantu ehostela laseGlebelands, izolo utshele iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuthi ummangalelwa wokuqala uSergeant Bhekukwazi Mdweshu wathi akuphonswe igesi emzini kaMnuz William Mthembu ukuze iqhumele phakathi ngaphambi kokuthi adutshulwe.
Lo fakazi ongeke adalulwe ngoba engena ngaphansi kofakazi ababizwa ngeBig Four abavikelwa umbuso, uthe oMdweshu bambikela ukuthi bahlela ukuhlasela uMthembu ngoba babazi ukuthi bayizitha.
“OMdweshu beza kumina bathi bafuna ukuhlasela uMthembu, babazi ukuthi ngizovumela phezulu ngoba sasiyizimbangi naye sibanga indaba yokudayisa ehostela,” kusho ufakazi.
Uthe kodwa yena akazange abe yingxenye yokuhlasela.
Utshele inkantolo ukuthi uyena futhi owakhuza uMdweshu ethi kumele kuhlaselwe uBlock R wonke.
Uthe isizathu esenza akuphikise ukuthi kuhlaselwe i-block yonke ukuthi wayebona ukuthi kuzolimala nabantu abaningi nabangenamacala.
Uthe ngesikhathi sekuhlaselwa uMthembu yena wayehleli endlini yakhe kodwa wezwa sekuqhuma izibhamu. “Babefuna kuphonswe ibhomu i-block yonke, uBlock R. KwaBlock R kukhona nezihlobo zami nazo ezazizolimala uma kuhlaselwa.”
Uthe isizathu esasenza ukuthi uMthembu afunwe kakhulu ukuthi wayesolwa ngokudala izinxushunxushu ehostela nemali iqoqwa iyiswe kuyena eBlock R.
Lo fakazi uthe yena ubengahambisani nokubulawa kwabantu ehostela ngoba iningi labo bangomkhaya.
“Ngemuva kwemizuzu embalwa kade kuqhuma izibhamu, kwabe sekufika kumina uMnuz Bonga Hlophe ongasekho nomfowabo uMnuz Wonder Hlophe lona ongummangalelwa wesine, bezobuza ukuthi ngizwile yini kuqhuma izibhamu, engakuqaphela ukuthi ngezansi kwendlu kwakukhona isixuku sabantu, kuleso sixuku kwakukhona nabanye babamangalelwa abakhona lapha ebhokisini,” kusho ufakazi.
Uqhube wathi uMdweshu yena wayehleli phansi isixuku simngungile.
Uthe oHlophe bafike bamcela ukuthi akabahambisele uMdweshu esibhedlela ngoba udubulekile ngesikhathi kade beyohlasela.
“Nganqaba ukumyisa esibhedlela ngathi kade ngingekho kuhlaselwa, abangangifaki ezindabeni zabo,” kusho ufakazi.
Lo fakazi uphinde wabuzwa ngesigameko sokubulawa kukaMnuz Sinyiko Ncayiyana.
Uthe uNcayiyana wabulawa kade esuka endlini yakhe kade bebuka naye ithelevishini.
“Ngemuva kokuqhuma kwesibhamu ngabona abantu abane beqhamuka begijima, ngenhlanhla kwakukhanya ngakwazi ukubona ukuthi obani laba ababegijima, kwakunguHlophe (Bonga), Mnuz Nathi Shozi, Mxoleleni Bhani osagwetshwa ngecala lokubulawa kukaMnuz Sipho Ndovela noMnuz Vukani Mcobothi ongummangalelwa wesithathu kuleli cala,” kusho ufakazi.
Uthe ngesikhathi kudutshulwa uNcayiyana omunye wabazala bakhe bamshayela ucingo ethi uzwa kuthiwa udutshuliwe.
“Kwangithusa lokho engakuzwa kumzala wakhe ngabe sengizibona ukuthi nami angiphephile,” kusho ufakazi.
Uthe waya endaweni yesigameko lapho kwakudutshulelwe khona uNcayiyana wamfica elele phansi kukhona nenhlamvu esiphongweni sakhe.
Umshushisi uSenior Advocate Dorian Paver umbuzile ufakazi ukuthi kungani engawabikelanga amaphoyisa ngalezi zigameko, wathi wayesaba ngoba amaphoyisa wayengawathembi njengoba ayegwazelwa.
Ufakazi uthe umuntu owayeveza ubufakazi ngezinto ezenzeka eGlebelands ubebulawa.
Icala liyaqhubeka.