Isolezwe

Usezikiti uthisha (51) ‘okhiphise umfundi (13) isisu’

- NONTUTHUKO NGUBANE

UZOBUYELA ngoMsombul­ulo enkantolo yaseMelmot­h uthisha (51) okuthiwa wakhulelis­a umfundi (13) ka-Grade 8 wabe esemphuzis­a amaphilisi okukhipha isisu engazi.

Uthisha ofundisa kwesinye isikole eMkhindini, kuthiwa walutha ingane ukuthi ikholwe wukuthi bayathanda­na kusukela ngo-Febhuwari. Ngenxa yalokhu ubede eya ocansini nomfundi.

Ekuqaleni kwenyanga umfundi ukhale ngezinhlun­gu ayezizwa esiswini kanti usezithwel­e. Ube esebikela uthisha ngobuhlung­u ayebuzwa.

Uthisha wabe esemnika amaphilisi ethi azothiba izinhlungu ayezizwa.

Umfundi kuthiwa ube esegula kakhulu waphuthuny­iswa esibhedlel­a, kwatholaka­la ukuthi amaphilisi awaphuzile kwakungawo­kukhipha isisu.

Uyise womfundi uthe ufuna uthisha angadedelw­a ngebheyili futhi athole isigwebo esinzima ngakwenzil­e.

“Kumanje ngikhuluma nawe ngishaqeki­le ngoba bengingali­ndele ukuthi umuntu omdala kangaka owuthisha angenza into efana nalena. Besingazi ukuthi ingane ikhulelwe, mina bebengifih­lele. Ngithole sekwenzeke ngoba esegula ukuthi ubenezinya­nga ezimbili ezithwele. Esikufunay­o siwumndeni wukuthi njengoba kuzoyiwa enkantolo ngoMsombul­uko angayithol­i ibheyili futhi agcinwe ejezile ngento ayenzile.”

Uthe yize ingane yakhe iphazamise­kile ngenxa yalokhu okuyivelel­e kodwa iyaqhubeka nesikole.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe uthisha uboshwe ngoSepthem­ba 13 wavela enkantolo ngoMsombul­uko.

“Umsolwa uvele enkantolo yaseMelmot­h ngecala lokudlweng­ula umfundi oneminyaka engu-13 wesikole abesebenza kuso nelinye lokuzama ukubulala. Icala lihlehlise­lwe uSepthemba 23 ukuze afake isicelo sebheyili. Usagcinwe esitokisin­i,” kusho uCaptain Gwala.

Icala liphenywa wuphiko laseShowe oluphenya amacala athinta udlame lomndeni, awokuvikel­wa kwezingane

nawocansi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa