Abantu abamnyama kumele bayinake indaba yencwadi yefa
LONKE leli sonto kugqugquzelwa abantu ukuthi balungise izincwadi zabo zefa njengoba kuyiNational Wills Week. Kukhona abameli lonke leli sonto abazosiza abafisa ukubhala incwadi yefa mahhala kanti abanazo bayagqugquzelwa ukuthi babheke ukuthi konke okubhalwe kuyo nababhalwe kuyo kusahambisana nezifiso zabo.
Indaba yencwadi yefa yinto enganakwa emiphakathini yabantu abamnyama ekubeni yithina esiyidinga kakhulu ngoba indlela esichaza ngayo umndeni ayifani neyezinye izinhlanga – owethu umndeni mukhulu kakhulu.
Kweminye imizi kunamadoda aganwe amakhosikazi angaphezu kweyodwa. Kweminye kukhona abantu abagane ngokwesintu kodwa imishado yabo engabhalisiwe.
Uma sikhuluma ngezingane zethu sisuke singasho esizizalayo kuphela. Kukhona abakipitayo bagcine benza izinto ndawonye bese kuthi uma sekukhona oshonile phakathi kwabo kusuke esinamathambo.
Incwadi yefa iqeda ukukhuluma, iqinisekisa ukuthi kufezwa izifiso zakho, ivikela umndeni wakho ikakhulukazi izingane ngoba maningi amaqili abona intuba yokwenza imali ngokufa komuntu.
Encwadini yefa ukwazi ukubhala yonke into ngisho nokuthi uma izingane zakho zisencane ufisa zikhuliswe ngubani uma nishona kanye kanye ningabazali ukuze ninqande labo abasho kuqala ukuthi bazozithatha izingane kodwa bengenazo izinhloso ezinhle.
Ukukhuluma ngento ethinta ukufa yisihloko esinganambitheki ngoba ukufa kuyesabeka kodwa asizijwayeze singabantu abamnyama ukuzilungisa lezi zinto ukuze sigweme ukukhuluma.
Ummeli uzokuchazela nangezindleko ezihambisana nokwabiwa kwefa kanjalo nanokuhlelela izikweletu zakho ngoba isikweletu asiboli ngisho umuntu eseshonile futhi uma ungakuhleleli lokhu, inkinga isala nabaphilayo.
Kuyasiza nokwazi ukuthi imithetho yencwadi yefa ihluke kanjani kuleyo elawula imali yempesheni emsebenzini ngoba indlela okwabiwa ngayo izinto ozibhale encwadini yefa ayifani nokwabiwa ngayo impesheni osuke uyishiye emsebenzini.