Isolezwe

Abantu abamnyama kumele bayinake indaba yencwadi yefa

-

LONKE leli sonto kugqugquze­lwa abantu ukuthi balungise izincwadi zabo zefa njengoba kuyiNation­al Wills Week. Kukhona abameli lonke leli sonto abazosiza abafisa ukubhala incwadi yefa mahhala kanti abanazo bayagqugqu­zelwa ukuthi babheke ukuthi konke okubhalwe kuyo nababhalwe kuyo kusahambis­ana nezifiso zabo.

Indaba yencwadi yefa yinto enganakwa emiphakath­ini yabantu abamnyama ekubeni yithina esiyidinga kakhulu ngoba indlela esichaza ngayo umndeni ayifani neyezinye izinhlanga – owethu umndeni mukhulu kakhulu.

Kweminye imizi kunamadoda aganwe amakhosika­zi angaphezu kweyodwa. Kweminye kukhona abantu abagane ngokwesint­u kodwa imishado yabo engabhalis­iwe.

Uma sikhuluma ngezingane zethu sisuke singasho esizizalay­o kuphela. Kukhona abakipitay­o bagcine benza izinto ndawonye bese kuthi uma sekukhona oshonile phakathi kwabo kusuke esinamatha­mbo.

Incwadi yefa iqeda ukukhuluma, iqinisekis­a ukuthi kufezwa izifiso zakho, ivikela umndeni wakho ikakhuluka­zi izingane ngoba maningi amaqili abona intuba yokwenza imali ngokufa komuntu.

Encwadini yefa ukwazi ukubhala yonke into ngisho nokuthi uma izingane zakho zisencane ufisa zikhuliswe ngubani uma nishona kanye kanye ningabazal­i ukuze ninqande labo abasho kuqala ukuthi bazozithat­ha izingane kodwa bengenazo izinhloso ezinhle.

Ukukhuluma ngento ethinta ukufa yisihloko esinganamb­itheki ngoba ukufa kuyesabeka kodwa asizijwaye­ze singabantu abamnyama ukuzilungi­sa lezi zinto ukuze sigweme ukukhuluma.

Ummeli uzokuchaze­la nangezindl­eko ezihambisa­na nokwabiwa kwefa kanjalo nanokuhlel­ela izikweletu zakho ngoba isikweletu asiboli ngisho umuntu eseshonile futhi uma ungakuhlel­eli lokhu, inkinga isala nabaphilay­o.

Kuyasiza nokwazi ukuthi imithetho yencwadi yefa ihluke kanjani kuleyo elawula imali yempesheni emsebenzin­i ngoba indlela okwabiwa ngayo izinto ozibhale encwadini yefa ayifani nokwabiwa ngayo impesheni osuke uyishiye emsebenzin­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa