Isolezwe

Qaphela indlela ochitha ngayo imali, uzakhele umnotho

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

NGABE uzizwa kanjani uma uchitha imali? Kuyakujabu­lisa ukuthenga okuthanday­o noma uzwa ubuhlungu ngokuhluka­na nemali?

Ubudlelwan­e babantu nemali abufani, abanye bayakujabu­lela ukuthenga kanti abanye bathanda ukuhlala benayo beyibuka.

Olunye uhlangothi lwezifundo zomnotho lugcizelel­a ukuthi imali ayifani ngoba indlela esiyiphath­a ngayo ayifani. Bathi imali esiyithole kalula siyichitha kalula kunesiyise­benzele kanzima.

Siphinde futhi siyichithe ngokungana­ki uma imali iseningi kuthi uma isiphela siqale ukucophele­la.

Lesi esinye sezizathu ezenza iholo liphelele ezandleni ngokushesh­a. Uma uqaphelisi­sa uyabona ukuthi ngezinsuku zokuqala ukhokhelwe imali iphuma ngokushesh­a bese kuyancipha ngokwehla kwayo.

Obunye ubufakazi obuqanda ikhanda yindlela esichitha ngayo imali yebhonasi. Isikhathi sokubhonas­a sihlezi sisibheke ngamehlo abomvu size senze izikweletu sithembisa ngebhonasi. Ngandledla­na thize sizithola sinegunya lokuyichit­ha ngendlela esiyithand­ayo le mali ngoba sizizwa sicebile okwesikhas­hana. Imvamisa ukhumbula isiyophela imali ukuthi kunezinto ezibalulek­ile obekufanel­e uzenze. Kwenziwa yini ukuthi ukhohlwe?

Okokuqala nje kumnandi ukuthola izinto obuzifisa kodwa ungakwazi ukuzikhokh­ela. Kumnandi ukuthi uzizwe njengomunt­u onothile ongenazing­qinamba zemali.Lapho uphaphama khona akusekho lutho usukhala ezimathons­i.

Konke lokhu kuncike ebudlelwan­eni obakhayo phakathi kwakho nemali. Imikhuba emihle yokuphatha imali ayiqhamuki ngoba usunemali eningi. Uma ungazange uzifundise izindlela eziphusile zokuphatha imali yakho ngeke kuzenzakal­ele ngoba usuthole isamba semali.

Yingakho kubaluleki­le ukuzifundi­sa ukuhlela indlela oyisebenzi­sa ngayo imali ngesabelo-mali. Okumqoka ukwazi ukuthi isabelo-mali akulona nje iphepha leli obhale kulona kepha yilokho okukubusay­o emqondweni. Ungaqala nje ngokubhala ukuthi imali yakho iya kuphi kodwa ngokuhamba kwesikhath­i kumele kube semqondwen­i ukuthi uyichitha kanjani. Lokhu kukusiza ngokuthi ubone ngokusobal­a ukuthi imali yakho iyaphi. Uma usubonile kulandela ukuthi wenze izinqumo ezinqala ngokuthi kufanele kwenzekeni ngemali yakho.

Igxathu lokuqala wukuthi ukwenze kube yisibopho ukuthi kube nemali oyibekayo noyitshala­yo njalo uma uthola imali.

Kufanele lesi sibopho sime njalo kunoma iyiphi imali engenayo ngisho naleyo oyithola ungayilind­ele.Isigaba esilandela­yo ukukhokha izikweletu ngenhloso yokuhlukan­a nazo. Yenza kube umkhuba ukukhokha ngaphezulu kwemali enqunyiwe ukuze ulwe nenzalo yesikwelet­u.Qala ngokukhokh­a kakhulu kulezo zikweletu ezinenzalo enkulu ukuze usheshe uhlukane nazo futhi unciphise inzalo.

Zifundise ukuthenga noma ukhokhe ngesaphule­lo futhi ukhokhe ukheshi. Uma ingekho imali ngaleso sikhathi qala ngokuyibek­a ukuze ugweme ukuthenga ngesikwele­tu.

Izitolo zikuheha ngokuthi ungathatha izimpahla ukhokhe ngenyanga kungabikho nzalo ngezinyang­a eziyisithu­pha zokuqala.

Namabhange akutshela ukuthi i-credit card ayinanzalo uma ukhokha emuva kwezinsuku eziwu-30. Abangakuts­heli khona ukuthi umkhuba wokuthenga manje ukhokhe emuva kwesikhath­i ukwenza uthenge kakhulu kunoma usuke ukhipha imali. Kuvamile futhi ukuthi abantu bangakhokh­i ngalesikha­thi esinqunyiw­e esingenanz­alo.

Lokhu kwenza uthenge kakhulu kunesiding­o uphinde ukhokhe inzalo obungeke uyikhokhe uma uthenga ngokheshi.

Ngisho wona amakhadi asebhange akukhuthaz­a ukuthi uthenge kakhulu ngoba awuyiboni imali uma iphuma. Ekugcineni kukuwena ukuthi uzizwa kanjani ngemali yakho. Uma kukujabuli­sa ukuyichith­a lindela ukuthi iseyinde kakhulu indlela yakho yokwakha umnotho.

Sishayele noma uthumele umlayezo ku-083 354 8794. Bhalisa uthole ulwazi olunohlonz­e ku www. ubuntuweal­th.co.za

Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa