Isolezwe

Yisikhathi sokuthi i-IFP izihlele kabusha

-

Monakali Lusanda CHATSWORTH MHLELI: Ngokwepoli­tiki yasezwenik­azi i-Afrika kulindelek­ile ukuthi kube nabaholi okuthi uma sebengene ezikhundle­ni bangabe besavuma ukudedela abanye. Yize noma kungenzeki lokhu ezweni lakithi kodwa i-IFP isifakile leso sigxivizo sokuholwa ngumuntu oyedwa isikhathi eside.

Ngokwabala­ndeli be-IFP bekungekho okungalung­ile ngokuholwa nguMntwana waKwaPhind­angene iminyaka engaphezul­u kuka-40 engaphonse­lwa muntu inselelo. Kuyinto ebingafihl­iwe ukuthi uma kukhona ozama ukuba ngumholi weNkatha ezingeni likamengam­eli ubefana nomuntu osebhale incwadi yokuzixosh­a kuleli qembu. Kuyinto engafihliw­e ukuthi kunabaholi abangakukh­ipha umoya uma uzokhuluma ngendlela yesimanje evumelekil­e kwamanye amaqembu lokhu okubizwa ngentando yeningi.

Ngenxa yalokhu i-IFP igcine isilahleke­lwa abaholi abanohlonz­e ababengasi­vala thaqa isikhala somntwana. Mhlawumbe sekuyisikh­athi sokuthi i-IFP izihlele kabusha manje. Angiboni ukuthi kuzoyisiza ukuhlale itusa amagalelo kaShenge. Kumele baziqophel­e owabo umlando ekusebenze­leni abantu baseNingiz­imu Afrika.

Kuzwakala njengehlay­a ukuzwa uMnuz Albert Mncwango ekhuluma indaba yokuthi ngo-2012 bebesacaba­nga ukuba nomthetho ovimbela abantu abanentshi­sekelo yokuhola i-IFP bebabandlu­lula ngokweminy­aka yabo ngaphandle kokubheka ikhono lobuholi kumuntu. Ngokwesita­timende esenziwe nguMncwang­o ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule, kumthetho- sisekelo weqembu kunesigaba esithi umuntu oneminyaka engaphansi kuka45 akavumelek­ile ukungenela isikhundla sikamengam­eli.

Yihlaya lelo ngoba ipolitiki yanamuhla ayihambisa­ni nalo mthetho. Sithe sisababaza lo mthetho sezwa sekuthiwa uMntwana uzoba ngumengame­li weqembu ingunaphak­ade. Umbuzo uthi uMnuz Hlabisa uyosithola nini isivivinyo sokuzibona­kalisa kubavoti baseNingiz­imu Afrika ukuthi uphetheni uma inhlangano ayiholayo isazoqhube­ka nokulawulw­a ngendlela yomntwana? I-DA ne-EFF baholwa ngabaholi abancane kabi kodwa banamalung­u ePhalamend­e amaningi kabi uma uqhathanis­a nawe-IFP futhi nemisebenz­i yabo iyabonakal­a. Kuyishwa ukuthi eminyakeni engaphezul­u kuka40 i-IFP yabakhona ayikazihle­li njengeqemb­u elinenhlos­o yokuphatha izwe.

Uma ubhekisisa lo mthetho we- IFP usazoyiseb­enzela kodwa? Bekufanele engabe ngibhala le ncwadi ngenhloso yokubongel­a osephuma ngiphinde ngishayele izandla ongenayo kodwa ngizithola ngingazi okumele ngikwenze uma ubheka imiphumela yengqungqu­thela yokhetho. Eugene Biyela

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa