Isolezwe

Ucwaningo ngobaba abasebanca­ne

- ZANELE MTHETHWA

UKWANDA kobaba abasebanca­ne kwandisa izingane ezikhula ngaphandle koyise njengoba sekunetemu elidumile lo-Absent Fathers.

Lokhu kuvele ocwaningwe­ni olwenziwe uNksz Nokwanele Noxolo Mhlongo (24), othweswe iziqu zeMasters in Population Studies enyuvesi yaKwaZulu-Natal ngeledlule.

Ucwaningo ulwenze kobaba abangu-15 abaneminya­ka ephakathi kuka-18 no-24.

Yize ethole ukuthi iningi labo lifuna ukuba ngobaba ezinganeni zabo, iminyaka yabo ingenye yezinselel­o ezenza ukuthi bangakwazi ukwenza lokhu.

“Ngithole ukuthi akubona bonke obaba abenza ngamabomu ukuthi bangabi khona empilweni yezingane zabo. Engikhulum­e nabo bathi kwesinye isikhathi abalitholi ithuba lokusondel­ana nezingane zabo ngoba nabo basengapha­nsi kwesandla sabazali. Omunye ungitshele ukuthi nguyise owahlawula ingane waphinde wayondla, okwenze yena wangaba nayo indawo enganeni yakhe,” kusho uNksz Mhlongo.

UNksz Mhlongo uthole nokuthi nokungaseb­enzi kunomthele­la ekutheni obaba baqhelelan­e nezingane zabo.

Bathe uma bengakwazi ukondla bayanqatsh­elwa ukusondele­na nezingane zabo.

“Ngithole ukuthi isiko lokuhlawul­a nalo linomthele­la. Kunemizi engamniki indawo yakhe ubaba ongahlawul­ile ngisho ngabe uyafisa ukusondela­na nengane. Labo baba bathe bayafisa ukuba ngcono yingakho nabantu abadala kumele bakuqonde ukuthi kumele bavunyelwe ukukhulisa izingane zabo ngisho bengenayo imali,” kusho uNksz Mhlongo.

Yize ekhule enabazali uNksz Mhlongo, uthe bekumkhath­aza ukuthi bonke abangani bakhe bebenobaba abaphilayo kodwa bengakhuli­swa yibona.

Yilokhu okwenza abe nogqozi lokwenza lolu cwaningo.

UMnuz Dalisu Mbatha oyiPsychol­ogist, uthe ukungabi khona kobaba empilweni yezingane zabo kunomthele­la ekwandeni kwabesilis­a abahlukume­zayo.

Uthe ukuba sempilweni yengane akudingi imali kuphela kodwa kumele ubaba abe seduze nangokomoy­a.

“Ngokwemvel­o yowesilisa uzibona engeyena ubaba ophelele uma engenayo imali. Lokhu kwenza ukuthi angakwazi ukondla ancamele ukungasond­elani nengane yakhe. Nokho ingane kwesinye isikhathi idinga ubuso bomzali hhayi imali yakhe. Izingane zabafana ikakhuluka­zi ziyadinga ukuba nobaba oyisibonel­o ukuze zikhule zibe qotho,” kusho uMbatha.

Izibalo zocwaningo lweStatist­ics SA zangonyaka odlule zaveza ukuthi zingu-57% izingane ezingaphan­si kweminyaka engu-15 ezikhula ngaphandle koyise.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa