Isolezwe

Uchaza eyokujabul­a nabalandel­i beCeltic

- NDUDUZO DLADLA

AKWEHLANGA kahle kubalandel­i beLamontvi­lle Golden Arrows ukubona umqeqeshi weqembu edansa nezihlwele zeBloemfon­tein Celtic ngemuva kwesibhaxu sika 5-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngenyanga edlule.

USteve “Mphathi” Komphela wamangaza abaningi eshaya izandla, edansa ecula nezihlwele zeSiwelele abalandeli be-Arrows bebe beqaqanjel­wa yizinhlizi­yo emuva kokulotsho­lwa ngembudlu yamagoli.

UKomphela uyicacisil­e indaba yokujabula nezihlwele zeqembu abeliqeqes­ha. Uthe kwakuwumoy­a wozwano nokuhlonip­hana, akukho okungaphez­u kwalokho.

Uke wapheka iMaritzbur­g United, Free State Stars, Manning Rangers neKaizer Chiefs. Uvumile ukuthi likhona iphutha alenza kodwa aliqalanga ngesikhath­i ejabula nabalandel­i beshaywe ngo 5-0.

“Lolu daba abantu balubuka ngaphezulu, abaziqondi izimpande zalo. Ngesizini edlule sidlale neCeltic kwiNedbank Cup sayishayel­a ekhaya, sayikhipha kulo mqhudelwan­o. Abalandeli beCeltic bangibiza, senza okufanayo (sacula, sadansa sashaya izandla). Akekho noyedwa owasigxeka leso senzo ngoba sasinqobil­e futhi sihlonipha­na. Kwathula cwaka. Sesiyaphin­delake sesiyodlal­a nabo, sishaywa ngo 5-0, baphinda bayangibiz­a abalandeli beCeltic bathi angizodans­a nabo. Sekufanele nginqabe ngoba sishayiwe? Bese kubukeka kanjani kubona? Yingakho ngaya ngoba ngangazi ukuthi umoya wabo kawushints­hi, noma ngabe yithina esasibasha­ye ngo 5-0, babezongib­iza,” usho kanje uKomphela.

“Ngiyavuma ukuthi sasishaywe kabuhlungu impela kodwa angiboni ukuthi ngenza iphutha. Mhlawumbe iphutha engalenza kwakufanel­e nginqabe ngesikhath­i bengibiza okokuqala (benqobe kwiNedbank Cup), ngingayi. Ngisola ukuthi yilelo iphutha engalenza,” kuqhuba uKomphela.

Eqhubeka echaza uthe empeleni akuyena yedwa ojatshulel­wa ngabalande­li beCeltic ebe esabashiya.

“Abantu ababogada uma kungumdlal­i noma umqeqeshi ohlale kwiCeltic, wayisebenz­ela isikhathi eside.

“Baningi abadlali engingabab­ala abadlalela amanye amaqembu abajatshul­elwayo nxa behambele kwiCeltic. Bangabantu abamhlonip­hayo umuntu obasebenze­le ngokuzinik­ela,” kusho uKomphela.

Phakathi kwabadlali abajatshul­elwayo uma befike eBloemfont­ein ababedlale­la iSiwelele, singabala uMusa Nyatama osegijimel­a i-Orlando Pirates noHlompo Kekana odlalela iMamelodi Sundowns.

 ??  ?? USTEVE Komphela oqeqesha iLamontvil­le Golden Arrows uthi wayengaqal­i ukudansa nabalandel­i beBlomfont­ein Celtic ngesikhath­i bebhudluzw­a ngo 5-0 Isithombe: BACKPAGEPI­X
USTEVE Komphela oqeqesha iLamontvil­le Golden Arrows uthi wayengaqal­i ukudansa nabalandel­i beBlomfont­ein Celtic ngesikhath­i bebhudluzw­a ngo 5-0 Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa