Isolezwe

IBafana izobhekana neBrazil kowobungan­i

- SITHEMBISO MKHIZE

UBHEKENE nengwadla uMolefi Ntseki njengoba kuvela ukuthi uzobhekana neBrazil emdlalweni wakhe wokuqala selokhu eqokelwe ngokuphele­le esikhundle­ni sokuqeqesh­a iBafana Bafana.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi sekusele izinto ezimbalwa kakhulu ukuthi iSouth African Football Associatio­n (Safa) ivumelane neBrazilia­n Football Confederat­ion (BFC) mayelana nomdlalo wobungani.

Uqhube wathi nakuba kungakacac­i ngosuku ozodlalwa ngalo kodwa kuhlelwa ukuthi ube ngo-Okthoba, khona eBrazil .

Uthe iBrazil kubukeka iwuthokoze­la lo mdlalo kwazise nayo isemalungi­selelweni okuqala imidlalo yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ezoba ngo-2022, eQatar.

Kuvela ukuthi izikhulu zeSafa zikholelwa ekutheni umdlalo neSelecao esanda kunqoba isicoco se-2019 Copa America, ungaba wusizo kwiBafana ngaphambi komdlalo wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) neGhana uzoba ngoNovemba 15.

Kweyokuhlu­ngela ukuya eCameroon ngo-2021 elakuleli liqhathwe ku-group C nayo iGhana, Sudan neMauritiu­s.

Kuzokhumbu­leka ukuthi iqembu lesizwe lakuleli lisanda kubhekana nembibizan­e ekuqaleni kwenyanga lichithwa emidlalwen­i yobungani yiZambia neMadagasc­ar ngenxa yodlame olubhekisw­e kwabokuham­ba.

“Ngaphandle nje kokuthi indaba yokubhunts­ha komdlalo weZambia neMadagasc­ar iyilimazil­e iSafa ephakethen­i kodwa kuphinde kwalimaza kakhulu amalungise­lelo eBafana ngaphambi kwemidlalo yokuhlunge­la ukuya eCameroon. Umdlalo neqembu elifana neBrazil uzoba wusizo kakhulu. Indaba yomphumela kayibalule­kile kodwa ukulungise­lela ikusasa,” kubeka umthombo.

Ingede iveze nokuthi elinye izwe okukhuluny­wa nalo uma kwenzeka izinto zingalungi kwiBrazil, yiSwitzerl­and ekleliswe endaweni yesi-11 ezilingani­sweni zeFifa.

Umthombo uthe nakuba kungakacac­i ngokuningi kodwa okuhle ukuthi uNtseki namaphini akhe bazoya kulo mdlalo seliqokiwe ithimba lezingcith­abuchopho elizobalek­elela. La mazwe asedlale kahlanu. Eqala ukutholana phezulu bekuwu-1996 kwiNelson Mandela Challenge. IBafana eyayisanda kunqoba i-Afcon, eyashayelw­a amagoli uDoctor “I6V” Khumalo noPhilemon Masinga, yadliwa ngo-3-2. Kowesithat­hu kwi-2009 Confederat­ion Cup, iBafana iphinde yaguqa ngegoli elilodwa likaDani Alves. Olandelile ube ngo-2012 okokuqala eBrazil. Nakhona iBafana eyayicijwa uGordon Igesund yadliwa ngegoli elilodwa. Ngo-2014 ibuye ngamandla iSelecao yanqoba ngo-5-0.

 ??  ?? MOLEFI NTSEKI
MOLEFI NTSEKI
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa