UPHINDE WAWINA USIHLALO WAMA-CITIZENS EHLULA U-BENNI
KUGCINE kukhale isicathulo sikasihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, mayelana nomdlali obefunwa uthuli wumqeqeshi uBenni McCarthy.
Indaba ithinta uMark Mayambela okuke kwavela ukuthi uziqeqesha neCity ngoba efuna ikhaya elisha emuva kokuhlukana neChippa United ekupheleni kwesizini eldule.
UPotshoza uyazi ukuthi uBenni ubeseqedile ngoMayambela waze wamtshela ukuthi uzomsayinisa uma kubuya uComitis e-Europe. Abasondelene noBenni bese bemtshelile uPotshoza ukuthi uMayambela useyitholile inkontileka.
Kujike konke sekubuya uComitis obelindelwe, eyichitha indaba yokusayiniswa kukaMayambela wodumo kwi-Orlando Pirates.
“Akukho engizimisele ngokukusho ngoMayambela ngoba indawo adlala kuyona sisanda kusayinisa kuyo uFagrie (Lakay). Yilokho okwenzekile, akukho futhi okunye okusazoshintsha. Besivele simbheka uMayambela ukuqinisa kwesokudla ngoba sihlulekile ukuthola u-Aubrey (Ngoma). Kuvele ithuba lokusayinisa uLakay salisebenzisa. Ngikhulume noBenni kuqala ngalo mdlali (uLakay) wavuma ukuthi asimthenge ngoba ubezovala izikhala eziningi eqenjini. Ubejabule kabi uBenni sisayinisa uLakay angiyazi iqhamuka kuphi le yelukuluku lokusayinisa uMayambela. Okwamanje akekho umdlali esimbhekayo. Angisiboni isidingo sokusayinisa omunye odlala ngakwesokudla.”
UComitis usanda kuchayisa uBenni ekhala ngokuthi akulandwe umdlali wasemuva. Nakuba uBenni ubengasho ngqo ukuthi ufuna bani kodwa abasondelene naye njengoPotshoza bathi ubelandela uRobyn Johhanes ogcine esayine kwiStellenbosch FC. Uyikhahlele ngazo zombili indaba kaJohannes uComitis ebuya phesheya