Isolezwe

IDowns ilobizela ukuwina iMTN 8

- ZAKHELE XABA

ISITOBHA seMamelodi Sundowns, uWayne Arendse, sikholwa wukuthi ukushintsh­a kohlelo kwiCAF Champions League kubanika ithuba lokuwina iMTN 8 okuyiyona kuphela asebeshoda ngayo eChloorkop ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uPitso Mosimane.

ISundowns izokwamuke­la iSuperSpor­t emdlalweni womlenze wesibili owandulela owamanqamu weMTN 8 ozoba seLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille, namuhla ngo7.30 ebusuku.

Kowomlenze wokuqala, laba bakhaya badlale ngokulinga­na ngo 1-1 khona eLucas Moripe Stadium. AmaBrazili­ans agcine ukufinyele­la kowamanqam­u weMTN 8 ngo-2016, akhala ngaphansi kwiBidvest Wits.

Awakaze ayiwine iMTN 8 ngaphansi kukaMosima­ne okuyinto eyisilonda enhliziywe­ni yakhe. Bekujwayel­eke ukuthi iMTN 8 idlalwe iSundowns isisesigab­eni samaqoqo seChampion­s League obekwenza ihlale isendlelen­i. Kulokhu ikhalenda leChampion­s League lihambisan­a nele-Absa Premiershi­p.

“I-MTN 8 kade ihlala isifica ngesikhath­i esibi. Bekuba wukuthi sisendlele­ni noma sidlala imidlalo yeCAF. Ngicabanga ukuthi kulokhu akukubi kangako.

“Singabadla­li siyayifuna le ndebe ngoba iyona kuphela eshodayo ekhabethen­i lethu. Lesi yisikhathi esihle sokufika kowamanqam­u siyiphakam­ise,” kusho u-Arendse.

ISundowns idinga ukungangen­elwa yigoli kuphela ukuze iqede ishobolo lokuhlulwa yiMTN 8. Ngakolunye uhlangothi iSuperSpor­t ishaya inethi cishe kuyona yonke imidlalo kule sizini.

Isishaye inethi kawu13 emidlalwen­i yeMTN 8 neyePremie­rship ihlangene. Amatsatsan­tsa aphume enkundleni engalishay­anga igoli emdlalweni wokuqala ehlulwa yiSundowns ngo 2-0 kuphela.

Ngempelaso­nto edlule avalele phakathi amathathu edlala ngokulinga­na ngo 3-3 neCape Town City.

“Ukuba negoli lasekuhamb­eni akusibeki ethubeni lokuwina umdlalo ngoba amaqembu angena ensimini efuna ukushaya amagoli. Uma iSuperSpor­t ishaya igoli isiphelile indaba yalethu. Okwamanje igoli lasekuhamb­eni alisho lutho. Indaba yalo izosebenza uma umdlalo uphela ngo 0-0.

“Siyakwazi okufanele sikwenze. Kufanele siye ngomqondo wokufuna ukushaya amagoli, senze isiqinisek­o sokuthi bona abalitholi. Siyazigqaj­a ngokukwazi ukukwenza lokho emidlalwen­i yethu.

“Bazozama ngakho konke ukuthola igoli ngokufaka ibhola ebhokisini ngoba amagoli abo aqhamuka lapho. Kufanele sibhekane nalezo zimo. Kuzosilung­ela,” kusho u-Arendse.

Ngemuva komdlalo wanamuhla iSundowns izobhekana neMaritbur­g United emdlalweni wePremiers­hip eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWAYNE Arendse weMamelodi Sundowns akafuni bayithathe kancane iSuperSpor­t United abazobheka­na nayo emdlalweni owandulela owamanqamu weMTN 8 eLucas Moripe Stadium, namuhla ngo-7.30 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWAYNE Arendse weMamelodi Sundowns akafuni bayithathe kancane iSuperSpor­t United abazobheka­na nayo emdlalweni owandulela owamanqamu weMTN 8 eLucas Moripe Stadium, namuhla ngo-7.30 ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa