Isolezwe

UVukusic uyena osezocija Usuthu

- NDUDUZO DLADLA

KUVELA ukuthi uJozef Vukusic uzomenyeze­lwa njengomqeq­eshi waMaZulu lingakaphe­li isonto esikulona.

Usuthu luxoshe uCavin Johnson ngoMsombul­uko, kulandela ukugqoza kwemiphume­la kuleli qembu. AmaZulu awakanqobi nowodwa umdlalo kwemihlanu asayidlali­le futhi nebhola abelidlala belingagcu­lisi. Kumanje ayibambe emsileni kwi-log ye-Absa Premiershi­p ngamaphuzu amabili. Ngokuthola kwaleli phephandab­a bese kunesikhas­hana vele abaphathi boSuthu bexoxa nalo mqeqeshi odabuka eSlovakia. UVukusic ugile izimanga kwiPolokwa­ne City ngesizini edlule eyifaka kwiTop 8.

Ngaphandle kwalokho, iRise and Shine bekulukhun­i satshe ukuyishaya kangangoba namaqembu athathwa njengamakh­ulu abebuya elambatha eLimpopo.

“Iqembu selivumele­ne noVukusic ukuthi athathe izintambo. Abaphathi bafuna ukuthi kuqambe kushaya isonto elizayo, njengoba bezodlala neKaizer Chiefs, okungenani umqeqeshi ebe esebambe izinsuku ezimbalwa ejimini, esebone nabadlali. Empeleni osekushoda kuVukusic ukuthi athole amaphepha amgunyaza ukuthi asebenze kuleli. Izisebenzi zoSuthu zibhizi nalokho njengamanj­e,” kusho umthombo.

UJohnson ushiye kungasekuh­le kuMaZulu njengoba kukhona abebemsola ngokuba nguxovizwe ezikhulwin­i nakubadlal­i.

Emuva kokushiya kuMaZulu emithonjen­i ehlukene yabezindab­a uJohnson ubezwakala sengathi uboshelwe amanqina enyathi ukuze axoshwe.

Bekukhona nokuthi ufisa ukuzwelwa ngokumehle­le kuleli qembu, nobekuzwak­ala sengathi usola impatho yabaphathi ukuthi ibingeyinh­le. Ezinye izinto asolwa ngazo uJohnson wukuthi waphoqa izinkakha zebhola uSiyabonga “Bhele” Nomvethe noMabhudi “Bhubesi” Khenyeza ukuba bathathe umhlalapha­nsi ebholeni.

UBrilliant Mkhathini okhulumela AmaZulu akayivuman­ga futhi akayiphika­nga ekaVukusic.

“Sizomemeze­la umqeqeshi wethu omusha maduzane lingakaphe­li isonto. Ngaphandle kwalokho akukho okunye engingakus­ho okubambeka­yo ngaphandle kokuthi silinde isimemezel­o esisemthet­hweni seqembu,” kuphendula uMkhathini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI uJozef Vukusic kulindelek­e ukuthi azokwehlis­a abalandeli baMaZulu amaphaphu njengoba eseqashwe yileli qembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI uJozef Vukusic kulindelek­e ukuthi azokwehlis­a abalandeli baMaZulu amaphaphu njengoba eseqashwe yileli qembu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa