Isolezwe

Ikhwelo likaStick konompempe ngokuthi imithetho mayifane

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKHOMBISE izimpawu zokuvuthwa ekuqeqeshe­ni umlolongi wabadlali basemuva bamaBhokob­hoko, uMzwandile Stick, ngesikhath­i ephonsela inselelo unondweba uJerome Garaces ozobe edlalisa kolindwe umhlaba wonke wokususa iNdebe yoMhlaba neNew Zealand ngoMgqibel­o eYokohama, eTokyo, eJapan.

NgokukaSti­ck, amaBhokobh­oko awakaze awulungele ngale ndlela umqhudelwa­no. Ngaphezulu kwalokhu, kumenza angabe esakwazi ukulinda ukukhumbul­a ukuthi lo mqhudelwan­o oqala ngoLwesihl­anu, iqembu lakhe liwuzibula nezimbangi ezinkulu ama-All Blacks.

Iwona ama-All Blacks avikela isicoco kodwa ukulinyale­lwa abadlali abamqoka nokuwaphon­sa ethala amakhokho kwabanye, kwenza leli qembu lifane namanye ngokwamath­uba okudla isicoco okuyinto engafani nasemihlen­i.

Kuyinto efana nesiko embhoxweni womhlaba ukuthi amazwe akleliswe aba phezulu emhlabeni aphathwe ngendlela ehlukile kunalawa asuke ekleliswe ngasemuva.

Kulokhu amazwe afana nayo iNew Zealand, Wales ne-England azophathwa kangconywa­na kulo mqhudelwan­o uma lo mkhuba okhuzwa uStick uzoqhubeka naseJapan.

“Okungaba yisibusiso kithina ukwazi ukuthi sizihlulel­we ngoba singakwenz­anga ngendlela ebesikuhle­lile kunokuthi sishaywe ngenxa yesinqumo sikanondwe­ba esingacaci­le. Ngihlaba ikhwelo konondweba bonke kuqala ngalo ozobe esidlalisa ukuthi imithetho ifane kuwona wonke amazwe,” usho kanje uStick wodumo kumaSevens.

Ngemuva kokushaywa, ukudlala ngokulinga­na nokushaywa kwamaBhoko­bhoko ngesikhath­i ebhekene neNew Zealand emidlalwen­i emithathu edlule, kwenza uStick abone lo mdlalo ungaba omunye okuyohlale kukhulunyw­a ngawo emlandweni. Okunye okusemqoka ngalo mdlalo ukuthi kuwona wonke amazwe aseke adla isicoco somhlaba, kuyaqaphel­eka ukuthi asuke engayazi induku kusukela kweyamaqoq­o kuze kube sekugcinen­i.

 ??  ??
 ??  ?? MZWANDILE STICK
MZWANDILE STICK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa