Uchaza eyokujabula nabalandeli beCeltic
AKWEHLANGA kahle kubalandeli beLamontville Golden Arrows ukubona umqeqeshi weqembu edansa nezihlwele zeBloemfontein Celtic ngemuva kwesibhaxu sika 5-0 emdlalweni we-Absa Premiership ngenyanga edlule.
USteve “Mphathi” Komphela wamangaza abaningi eshaya izandla, edansa ecula nezihlwele zeSiwelele abalandeli be-Arrows bebe beqaqanjelwa yizinhliziyo emuva kokulotsholwa ngembudlu yamagoli.
UKomphela uyicacisile indaba yokujabula nezihlwele zeqembu abeliqeqesha. Uthe kwakuwumoya wozwano nokuhloniphana, akukho okungaphezu kwalokho.
Uke wapheka iMaritzburg United, Free State Stars, Manning Rangers neKaizer Chiefs. Uvumile ukuthi likhona iphutha alenza kodwa aliqalanga ngesikhathi ejabula nabalandeli beshaywe ngo 5-0.
“Lolu daba abantu balubuka ngaphezulu, abaziqondi izimpande zalo. Ngesizini edlule sidlale neCeltic kwiNedbank Cup sayishayela ekhaya, sayikhipha kulo mqhudelwano. Abalandeli beCeltic bangibiza, senza okufanayo (sacula, sadansa sashaya izandla). Akekho noyedwa owasigxeka leso senzo ngoba sasinqobile futhi sihloniphana. Kwathula cwaka. Sesiyaphindelake sesiyodlala nabo, sishaywa ngo 5-0, baphinda bayangibiza abalandeli beCeltic bathi angizodansa nabo. Sekufanele nginqabe ngoba sishayiwe? Bese kubukeka kanjani kubona? Yingakho ngaya ngoba ngangazi ukuthi umoya wabo kawushintshi, noma ngabe yithina esasibashaye ngo 5-0, babezongibiza,” usho kanje uKomphela.
“Ngiyavuma ukuthi sasishaywe kabuhlungu impela kodwa angiboni ukuthi ngenza iphutha. Mhlawumbe iphutha engalenza kwakufanele nginqabe ngesikhathi bengibiza okokuqala (benqobe kwiNedbank Cup), ngingayi. Ngisola ukuthi yilelo iphutha engalenza,” kuqhuba uKomphela.
Eqhubeka echaza uthe empeleni akuyena yedwa ojatshulelwa ngabalandeli beCeltic ebe esabashiya.
“Abantu ababogada uma kungumdlali noma umqeqeshi ohlale kwiCeltic, wayisebenzela isikhathi eside.
“Baningi abadlali engingababala abadlalela amanye amaqembu abajatshulelwayo nxa behambele kwiCeltic. Bangabantu abamhloniphayo umuntu obasebenzele ngokuzinikela,” kusho uKomphela.
Phakathi kwabadlali abajatshulelwayo uma befike eBloemfontein ababedlalela iSiwelele, singabala uMusa Nyatama osegijimela i-Orlando Pirates noHlompo Kekana odlalela iMamelodi Sundowns.