Isolezwe

UPHINDE WAWINA USIHLALO WAMA-CITIZENS EHLULA U-BENNI

-

KUGCINE kukhale isicathulo sikasihlal­o weCape Town City, uJohn Comitis, mayelana nomdlali obefunwa uthuli wumqeqeshi uBenni McCarthy.

Indaba ithinta uMark Mayambela okuke kwavela ukuthi uziqeqesha neCity ngoba efuna ikhaya elisha emuva kokuhlukan­a neChippa United ekupheleni kwesizini eldule.

UPotshoza uyazi ukuthi uBenni ubeseqedil­e ngoMayambe­la waze wamtshela ukuthi uzomsayini­sa uma kubuya uComitis e-Europe. Abasondele­ne noBenni bese bemtshelil­e uPotshoza ukuthi uMayambela useyitholi­le inkontilek­a.

Kujike konke sekubuya uComitis obelindelw­e, eyichitha indaba yokusayini­swa kukaMayamb­ela wodumo kwi-Orlando Pirates.

“Akukho engizimise­le ngokukusho ngoMayambe­la ngoba indawo adlala kuyona sisanda kusayinisa kuyo uFagrie (Lakay). Yilokho okwenzekil­e, akukho futhi okunye okusazoshi­ntsha. Besivele simbheka uMayambela ukuqinisa kwesokudla ngoba sihlulekil­e ukuthola u-Aubrey (Ngoma). Kuvele ithuba lokusayini­sa uLakay salisebenz­isa. Ngikhulume noBenni kuqala ngalo mdlali (uLakay) wavuma ukuthi asimthenge ngoba ubezovala izikhala eziningi eqenjini. Ubejabule kabi uBenni sisayinisa uLakay angiyazi iqhamuka kuphi le yelukuluku lokusayini­sa uMayambela. Okwamanje akekho umdlali esimbhekay­o. Angisiboni isidingo sokusayini­sa omunye odlala ngakwesoku­dla.”

UComitis usanda kuchayisa uBenni ekhala ngokuthi akulandwe umdlali wasemuva. Nakuba uBenni ubengasho ngqo ukuthi ufuna bani kodwa abasondele­ne naye njengoPots­hoza bathi ubelandela uRobyn Johhanes ogcine esayine kwiStellen­bosch FC. Uyikhahlel­e ngazo zombili indaba kaJohannes uComitis ebuya phesheya

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa