Zenyukile izibalo zababuka uMakoti
BAZISHAYA isifuba abalingisi bomdlalo othi Makoti odonse amehlo abaningi kwiSABC 1 njengoba bethi ukubona izibalo zakamuva zokubukwa kwawo kuyabajabulisa.
Izolo kuvele ukuthi lo mdlalo okhonjiswa njalo ngoLwesithathu, ngo-7.30, ubukwa abantu abangu4.6 million kuleli.
Ngokujwayelekile imidlalo efana nalona ayifinyeleli kulesi sibalo kuze kube iyaphela.
Isolezwe libe nengxoxo nabalingisi balo mdlalo njengoba bechithe usuku lonke nabezindaba eThekwini izolo.
USiphesihle Vazi olingisa indawo ephambili kaMthoko kulo mdlalo, uthe emasontweni ayisishiyagalolunye uqalile lo mdlalo kuyabajabulisa ukubona izibalo ezifana nalezi.
“Lo mdlalo ukhuluma nawo wonke umuntu kuleli oshadile nongakashadi. Indawo engiyilingisayo ingenze ngafunda lukhulu ngezinto ezehlukene ezithinta umshado nanoma yini nje ehlanganisa umndeni. Ngesikhathi siwuqopha sasibona ukuthi uzothandwa abaningi futhi ngempela kwenzeka khona lokho, siyabonga asiqedi,” kuchaza uSiphesihle.
Uthe njengoba sekusele amasonto ambalwa lo mdlalo ugoqwe, abantu abaqhubeke bawubuke ngoba ekugcineni kuzokwenzeka okungalindelekile.
Okushiwo nguSiphesihle kunanelwe wuzakwabo kulo mdlalo u-Ayanda Makavi olingisa indawo kaDJ Mo.
Le nsizwa yase-Eastern Cape ithe yona njengomlingisi iyaqala ukuba semdlalweni wakwiSABC1 okuyinto eyijabulisayo.
“Lo mdlalo wenze izimanga ngempela, siyabonga kubantu bakuleli abalokhu beqhubeka nokuwubuka,” kuchaza u-Ayanda.
UZandile Nkonyeni ophethe izinhlelo kwiSABC1, uthe bajabule ngendlela izinhlelo ezintsha ezenza ngayo.
Uthe ukwenza kahle kanjena kuyabajabulisa nakuba bebhekene nesikhathi esinzima sezimali.