Isolezwe

Zenyukile izibalo zababuka uMakoti

- NOKUBONGWA PHENYANE

BAZISHAYA isifuba abalingisi bomdlalo othi Makoti odonse amehlo abaningi kwiSABC 1 njengoba bethi ukubona izibalo zakamuva zokubukwa kwawo kuyabajabu­lisa.

Izolo kuvele ukuthi lo mdlalo okhonjiswa njalo ngoLwesith­athu, ngo-7.30, ubukwa abantu abangu4.6 million kuleli.

Ngokujwaye­lekile imidlalo efana nalona ayifinyele­li kulesi sibalo kuze kube iyaphela.

Isolezwe libe nengxoxo nabalingis­i balo mdlalo njengoba bechithe usuku lonke nabezindab­a eThekwini izolo.

USiphesihl­e Vazi olingisa indawo ephambili kaMthoko kulo mdlalo, uthe emasontwen­i ayisishiya­galolunye uqalile lo mdlalo kuyabajabu­lisa ukubona izibalo ezifana nalezi.

“Lo mdlalo ukhuluma nawo wonke umuntu kuleli oshadile nongakasha­di. Indawo engiyiling­isayo ingenze ngafunda lukhulu ngezinto ezehlukene ezithinta umshado nanoma yini nje ehlanganis­a umndeni. Ngesikhath­i siwuqopha sasibona ukuthi uzothandwa abaningi futhi ngempela kwenzeka khona lokho, siyabonga asiqedi,” kuchaza uSiphesihl­e.

Uthe njengoba sekusele amasonto ambalwa lo mdlalo ugoqwe, abantu abaqhubeke bawubuke ngoba ekugcineni kuzokwenze­ka okungalind­elekile.

Okushiwo nguSiphesi­hle kunanelwe wuzakwabo kulo mdlalo u-Ayanda Makavi olingisa indawo kaDJ Mo.

Le nsizwa yase-Eastern Cape ithe yona njengomlin­gisi iyaqala ukuba semdlalwen­i wakwiSABC1 okuyinto eyijabulis­ayo.

“Lo mdlalo wenze izimanga ngempela, siyabonga kubantu bakuleli abalokhu beqhubeka nokuwubuka,” kuchaza u-Ayanda.

UZandile Nkonyeni ophethe izinhlelo kwiSABC1, uthe bajabule ngendlela izinhlelo ezintsha ezenza ngayo.

Uthe ukwenza kahle kanjena kuyabajabu­lisa nakuba bebhekene nesikhathi esinzima sezimali.

 ?? Isithombe: Nqobile Mbonambi/ANA) ?? UMLINGISI womdlalo othi Makoti kwiSABC1 uSiphesihl­e Vazi othi ukujabulel­e ukubona izibalo zalo mdlalo zifinyelel­a lapho zikhona manje
Isithombe: Nqobile Mbonambi/ANA) UMLINGISI womdlalo othi Makoti kwiSABC1 uSiphesihl­e Vazi othi ukujabulel­e ukubona izibalo zalo mdlalo zifinyelel­a lapho zikhona manje
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa