Isolezwe

UMdweshu uvuma ukuthi igazi elakhe

- MLUNGISI GUMEDE

USERGEANT Bhekukwazi Mdweshu uvumile eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu, ethetha icala lokufa kwabantu eGlebeland­s, ukuthi igazi elatholaka­la endaweni okwakuzany­wa ukubulalel­a umuntu kuyo ngo-Agasti 19, 2014 ngelakhe.

Lokhu kwenzeke emuva kokuthi uphiko okade luhlola igazi lufike enkantolo lilethe umphumela wocwaningo.

Ufakazi wophiko akazange agibele ebhokisini kodwa umphumela wophenyo lwabo ufundelwe yinkantolo waveza ukuthi ngempela igazi elatholaka­la esigujini samafutha ngelikaMdw­eshu.

Akazange agibele ebhokisini ngoba bekukhona omunye ufakazi ongeke adalulwe ongena ngaphansi kohlelo lweBig Four.

UMdweshu ufundeliwe umphumela wokuhlolwa kwegazi, wavuma ukuthi yebo ngelakhe. Nommeli wakhe u-Adv Martin Krog ushilo ukuthi uMdweshu akaphikisa­ni nalo mphumela.

Kodwa phambilini uKrog watshela inkantolo ukuthi uMdweshu walimala esehlakalw­eni sokudunwa kwemoto.

UKrog izolo uqhubekile nokuhlohla imibuzo lofakazi ongeke adalulwe mayelana nokukubula­wa kukaMnuz Sinyiko Ncayiyana nokuhlasel­wa kwakuBlock R ngo-Agasti 19, 2014.

Omunye ummeli wabanye abamangale­lwa, u-Adv Xolani Sindane ubuze ngokubulaw­a kukaNcayiy­ana nokuhlasel­wa kwe-Block R.

USindane utshele lo fakazi ukuthi lona amumele ummangalel­wa wesithathu uMnuz Vukani Mcobothi wayesendli­ni yakhe e-block 52, ngesikhath­i kubulawa uNcayiyana.

Ufakazi uthe lokho kungamanga ngoba yena wambona uMcombothi nabanye abathathu begijima ngemuva kokuqhuma kwesibhamu.

Uqhubekile watshela inkantolo ukuthi uMcobothi waze wakhuluma naye ngemuva kwendaba.

USindane uthe uMcobothi uzotshela inkantolo ukuthi yena waphuma njengabany­e abantu waya endaweni yesehlo ngoba efuna ukubona ukuthi ngubani obulewe. Ufakazi uthe ngamanga lawo.

Ufakazi uthe naye waya endaweni yesigameko. USindane uthe uMcobothi umtshele ukuthi akulula ukuthi ufakazi angakwazi ukubona abantu abagijima endleleni ebusuku ngoba ehostela ngo2014, kwakungakh­anyi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa