Bahlukene phakathi ngokuvalwa kwenduku
BAHLUKENE phakathi abazali ngodaba lokuvalwa kwenduku emakhaya.
Isolezwe likhulume nabazali, abanye bathi abakwazi ukuyeka ukushaya izingane zabo emakhaya ngoba iyona ndlela yokuzijezisa uma zonile. Abanye bathi kade bayiyeka leyo ndlela yokukhululisa izingane, basebenzisa ezinye izindlela. UNONTUTHUKO NGUBANE Ukhulume nabanye abazali uNQOILE MBONAMBI washutha izithombe.
UNkk Bongiwe Nobitywana: “Nginezingane ezintathu zonke ngizikhulise ngayo induku. EBhayibhelini incwadi kaSolomon ikubeka kucace ukuthi ingane kumele ishaywe uma iqondiswa. Usuke uyifundisa wenzela ukuthi kusasa ingakhali ngawe ithi awuzange uyishaye yenza okungalungile. Uhulumeni usonela izingane ngoba emakhaya yithina esibhekana nenkinga uma sezisihlupha.”
UMnuz Mzo Dlamini: “Nginomntwana oyedwa kodwa kukhona nezikamfowethu engizikhulisa njengezami. Izingane angizishayi nhlobo nje. Angikholelwa endukwini. Induku ayisona nhlobo isixazululo. Thina sikhule sishaywa emakhaya, nasesikoleni besishaywa. Induku yavalwa esikoleni, izingane zaqhubeka kahle ziyafunda futhi ziyaphasa ezikoleni ngaphandle kokushaywa. Nasemakhaya nje njengoba induku ivalwa, izingane zisazokhula kahle nje. Uma ungumzali kumele ukufunde nje ukuhlala phansi nengane uyibonise ukuthi yonile. Induku ayakhi, iyabhidliza.”
UNksz Bongekile Hlabisa: “Nginengane eneminyaka emihlanu, ngiyayishaya uma yonile ukuze ifunde, ngisazoqhubeka ngiyishaye. Induku iyaqondisa. Ngeke nje nohulumeni akakwazi ukusibophela ukuthi siqondisa izingane zethu. Kumele senzenjani uma sezihlupha? Akakwazi ukusiphuca induku kodwa angasiniki elinye ikhambi lokujezisa izingane,”
UNksz Sanele Khoza: “Mina angiyishayi ingane yami ineminyaka emine. Induku angikholelwa kuyona. Kodwa engingakusho ukuthi ngeke ngiboshelwe udaba oluphakathi kwami nengane yami. Ingane ikhuliswa yimina kumele kube yisinqumo sami ukuthi ngiyikhulisa kanjani,”
UNksz Nokwazi Mavundla: “Ngiyakholelwa ukuthi ingane kumele ishaywe ngoba uma ungayishayi izogcina isidelela. Awuyishayi ingane ngoba usuke uyihlukumeza, uyishaya uma yonile. Angikwazi ukuyeka induku, uma ngiyiyeka, ngizokwenza njani ukuyiqondisa ubugwegwe.”