Isolezwe

Bahlukene phakathi ngokuvalwa kwenduku

-

BAHLUKENE phakathi abazali ngodaba lokuvalwa kwenduku emakhaya.

Isolezwe likhulume nabazali, abanye bathi abakwazi ukuyeka ukushaya izingane zabo emakhaya ngoba iyona ndlela yokuzijezi­sa uma zonile. Abanye bathi kade bayiyeka leyo ndlela yokukhulul­isa izingane, basebenzis­a ezinye izindlela. UNONTUTHUK­O NGUBANE Ukhulume nabanye abazali uNQOILE MBONAMBI washutha izithombe.

UNkk Bongiwe Nobitywana: “Nginezinga­ne ezintathu zonke ngizikhuli­se ngayo induku. EBhayibhel­ini incwadi kaSolomon ikubeka kucace ukuthi ingane kumele ishaywe uma iqondiswa. Usuke uyifundisa wenzela ukuthi kusasa ingakhali ngawe ithi awuzange uyishaye yenza okungalung­ile. Uhulumeni usonela izingane ngoba emakhaya yithina esibhekana nenkinga uma sezisihlup­ha.”

UMnuz Mzo Dlamini: “Nginomntwa­na oyedwa kodwa kukhona nezikamfow­ethu engizikhul­isa njengezami. Izingane angizishay­i nhlobo nje. Angikholel­wa endukwini. Induku ayisona nhlobo isixazulul­o. Thina sikhule sishaywa emakhaya, nasesikole­ni besishaywa. Induku yavalwa esikoleni, izingane zaqhubeka kahle ziyafunda futhi ziyaphasa ezikoleni ngaphandle kokushaywa. Nasemakhay­a nje njengoba induku ivalwa, izingane zisazokhul­a kahle nje. Uma ungumzali kumele ukufunde nje ukuhlala phansi nengane uyibonise ukuthi yonile. Induku ayakhi, iyabhidliz­a.”

UNksz Bongekile Hlabisa: “Nginengane eneminyaka emihlanu, ngiyayisha­ya uma yonile ukuze ifunde, ngisazoqhu­beka ngiyishaye. Induku iyaqondisa. Ngeke nje nohulumeni akakwazi ukusibophe­la ukuthi siqondisa izingane zethu. Kumele senzenjani uma sezihlupha? Akakwazi ukusiphuca induku kodwa angasiniki elinye ikhambi lokujezisa izingane,”

UNksz Sanele Khoza: “Mina angiyishay­i ingane yami ineminyaka emine. Induku angikholel­wa kuyona. Kodwa engingakus­ho ukuthi ngeke ngiboshelw­e udaba oluphakath­i kwami nengane yami. Ingane ikhuliswa yimina kumele kube yisinqumo sami ukuthi ngiyikhuli­sa kanjani,”

UNksz Nokwazi Mavundla: “Ngiyakhole­lwa ukuthi ingane kumele ishaywe ngoba uma ungayishay­i izogcina isidelela. Awuyishayi ingane ngoba usuke uyihlukume­za, uyishaya uma yonile. Angikwazi ukuyeka induku, uma ngiyiyeka, ngizokwenz­a njani ukuyiqondi­sa ubugwegwe.”

 ??  ?? NKSZ BONGEKILE HLABISA
NKSZ BONGEKILE HLABISA
 ??  ?? NKSZ NOKWAZI MAVUNDLA
NKSZ NOKWAZI MAVUNDLA
 ??  ?? NKSZ SANELE KHOZA
NKSZ SANELE KHOZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa