Isolezwe

Kuqediwe ukujezisa izingane ngenduku

- NONTUTHUKO NGUBANE NE-ANA

ABEZINHLAN­GANO ezilwela amalungelo ezingane basishayel­a ihlombe isinqumo seNkantolo yezoMtheth­osisekelo esivuna esasithath­we yiNkantolo eNkulu eGauteng esithi kuphambene nomtho ukuthi abazali bashaye izingane emakhaya.

Isinqumo esikhishwe izolo sikubeka ngokusobal­a ukuthi ukushaywa kwezingane osekujwaye­lekile emakhaya ahlukene, akukho emthethwen­i.

Inkantolo ithe zikhona ezinye izindlela zokukhutha­za imfundiso yokulalela ezinganeni ngaphandle kokuzishay­a.

Lesi sinqumo sasikhishw­e yiNkantolo eNkulu yaseGauten­g ngo-2017 ngemuva kokuba uyise wengane eneminyaka engu-13 watholakal­a enecala lokuyishay­a emuva emuva kokuyibamb­a izithokozi­sa ngezithomb­e zocansi. Inkantolo yathi akukho emthethwen­i, kuphula amalungelo ezingane.

Inkantolo yaveza nokuthi ukushaywa kwezingane kuholela ekunyukeni kwesibalo sokuhlukun­yezwa kwezingane kuleli.

IFreedom of Religion South Africa (Forsa) ibingahamb­isani nalesi sinqumo senkantolo, ithi kunomehluk­o phakathi kokuhlukun­yezwa kwezingane nokushaywa kwazo ngoba zifakwa endleleni efanele. Kodwa uhulumeni nezinhlaka zomphakath­i bavumelane nesinqumo sokuvala ukushaywa kwezingane.

UMnuz Nkosinathi Dladla, ongumqondi­si wezomtheth­o eMnyangwen­i wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uthe izingane kumele zivikelwe odlameni. Isinqumo seNkantolo yezoMtheth­osisekelo sizovulela iziphathim­andla kwezomthet­ho ukuba ziwuvale umthetho wokushaywa kwezingane ngabazali bazo.

Uma kwenzeka umzali eseshaya ingane yakhe angabhekan­a necala lokushaya, isigwebo sakhona singafika eminyakeni engu-15, kuya ngobufakaz­i obulethwa enkantolo.

Owenhlanga­no iBobby Bear, uNksz Sbo Ngcobo uthe: “Izingane kumele zingashayw­a njengoba kungavumel­ekile kuleli ukuba zishaywe. Ukushaya ingane kugqugquze­la udlame. Ingane ikhula yazi ukuthi umuntu owonile noma uma onenkinga uyixazulul­a ngenduku. Lokho akulona iqiniso ngoba kukhulisa izingane ezinezinki­nga eziningi, ezinye kuze kumele ziye kodokoteka bengqondo ukuze zikwazi ukukhohlwa ukuthi zikhuliswe ngokuhluku­nyezwa ngenduku. Zikhona ezinye izindlela zokujezisa ingane uma yonile. Umuzi nomuzi unomthetho wayo ngakho umzali angasebenz­isa indlela ehambisana naye kodwa ukushaya cha,” kusho uNksz Ngcobo.

UNkk Dumisile Nala we-Childline naye uhambe kulawo mazwi wathi izingane akumele zishaywe ngoba ziyahlukum­ezeka.

“Ukushaya ingane akulungisi lutho kodwa kwenza omunye umonakalo ,” kusho uNkk Nala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa