Isolezwe

Kuzofundis­wa amadoda ukuziphath­a

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUZOQALWA umkhankaso wokuhambel­a amathaveni, izikole nezinye izindawo emphakathi­ni kufundiswe abantu besilisa ngendlela yokuziphat­ha. Lokhu kuvezwe nguMengame­li wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, izolo ngesikhath­i kunenkulum­ompikiswan­o ngodaba lokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane ePhalamend­e.

URamaphosa ukhale ngokunyama­lala kwamadokod­o, umuntu osuke ebekwe icala lokuhlukum­ezwa bese ephunyuka.

Ufuna kusheshe kuphasiswe umthetho ozovimba ukuthi ababhekene namacala okubulala abesifazan­e bangayitho­li ibheyili. Uthe kwesinye isikhathi abesifazan­e bafa bephethe izincwadi zokubavike­la ukuthi bangahluku­nyezwa.

“Ukulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kuzoba nomkhankas­o wokuhambel­a amathaveni, izikole nezindawo zemiphakat­hi. Bonke omasipala abawu-278 bazovakash­elwa kufundiswe ngezindlel­a zokuzivike­la kwabesifaz­ane, nezindlela zokugwema ukuhlukume­zeka kwabesifaz­ane,” kusho uRamaphosa.

Uthe umnyango wezobuLung­iswa usuvele uyibeke eceleni imali yezinkanto­lo ezikhethek­ile ezibekelwe ukubhekana namacala ocansi wodwa.

URamaphosa uthe kumele kuphele ukuthi abesifazan­e uma beyovula amacala okudlwengu­lwa, bayiswe le nalena.

“Kumele ukuvulwa kwamacala kusheshe, kube lula. Kumele iziteshi zamaphoyis­a zikwenze kube lula ukuthi kuvulwe amacala.”

Uthe ngaphezu kwalokhu abalahlwa ngamacala okudlwengu­la, kumele bangayitho­li ibheyili, noshwele.

URamaphosa uthe uhlangene nabo bonke abaholi bamaqembu ezepolitik­i ePhalamend­e, bavumelana ngazwi linye ukuthi akwamukele­kile ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane.

“Wonke amaqembu ezepolitik­i azohlangan­a ukukhuluma ukuthi kumele senze njani ngalesi sihlava esixakile. Sizosebenz­isana sonke kule nkinga,” kusho uRamaphosa.

URamaphosa uthe kuyinkinga ukuhlala kwabokufik­a ngaphandle kwemvume.

Uthe inkinga enkulu idalwa abaqashi abaqasha abokufika ngenhloso yokubahole­la imali encane bese abantu bakuleli bengayitho­li imisebenzi.

“Akekho umuntu ongeyena owakuleli okumele ahlale lapha ngaphandle kwemvume.”

Uthe wonke umuntu nosomabhiz­inisi kumele balandele umthetho, nemithetho yezokuqash­wa kwabantu. Uthe kuleli ngeke akwamukele ukuthi kucwaswe abanye abantu abavela kwamanye amazwe.

Umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe inkinga enkulu wukuthi amaphoyisa awenele futhi inkulu imali esetshenzi­swa ukugcina iziboshwa emajele, kunokuthi kuqiniswe ezokupheph­a.

I-EFF ikhale ngokuthi mancane amaveni amaphoyisa emakhaya nasemakoli­shini.

 ?? Isithombe: ANA ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ethula uhlelo lokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane
Isithombe: ANA UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ethula uhlelo lokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa