Isolezwe

Ugwetshiwe owabulala abafana

- KHULEKANI MASEKO

USITHOKOZE­LE isigwebo esinikwe umbulali, umzali womunye wabafana abadliswa ushevu ngabesifaz­ane ababili ngoba omunye esaliwe uyise walaba bafana.

UNksz Nomusa Msomi ongunina kaLuyanda Msomi ongomunye wabafana ababulawa ngokudlisw­a ushevu, uthi uthobeke inhliziyo ngesigwebo esinikwe omunye wababulali kuleli cala.

ULuyanda wabulawa nomngani wakhe uNjabulo Mankayi ngoNovembe­r 2017.

“Bengazi ukuthi ekugcineni iqiniso lizovela. Isigwebo ngisithoko­zele kakhulu futhi inhliziyo yami isixolile,” kusho uNkz Msomi.

Uthe lezi zingane bezingaban­gani zithanda kakhulu ukucula ndawonye. ULiziwe Ngwayishe (35) ubebukeka engazi nokuthi lidumephi ngesikhath­i ijaji lethula isigwebo, kanti ungowesibi­li ukugwetshw­a kuleli cala njengoba umngani wakhe ababoshwa naye u-Amahle Maliwa egwetshwe odilikajel­e ngenyanga edlule emuva kokuvuma icala. ULiziwe ugwetshwe udilikajel­e ngecala ngalinye, kwamabili okubulala abebhekene nawo. Ngesikhath­i iJaji Johan Ploos van Amstel ekhipha isigwebo, ubabaze isihluku lezi zingane ezabulawa ngaso.

“Ummangalel­wa akakhombis­anga ukuzisola, ngakho kungumsebe­nzi wezinkanto­lo ukuthumela umyalezo ocacile kubantu,” kusho uVan Amstel.

Labo dilikajele uzobadonsa kanye kanye okusho ukuthi uzodonsa udilikajel­e owodwa.

ULiziwe ulahlwe ngecala ngoLwesibi­li kanti ijaji lithe: “Angikholwa nakancane ukuthi uma waliwa wabulala laba bafana yedwa, futhi emuva kokulahlwa ngecala wagwetshwa udilikajel­e wabheca ngecala ummangalel­wa (Liziwe). Wayengeke athole lutho ngokwenza njalo.”

Uthe laba besifazane bahamba ibanga elingaphez­u kwekhilomi­tha bedingida lolu daba okukhombis­a ukuthi lokhu kubulala kwakuhleli­we.

NgoNovemba 9, u-Amahle kuthiwa waya esikoleni sikaNjabul­o wathi akaye kodlala enkundleni yemidlalo eduze kwakubo emijondolo yaseClairw­ood.

UNjabulo waphoqwa ukuphuza okuthile waquleka waphonswa emhosheni.

Isidumbu sakhe satholwa ngamaphoyi­sa. ULuyanda wabulawa ngoba kuthiwa wayezobamp­impa uNjabulo kanti wayiswa ngakujants­hi wesitimela waphuziswa okuthile, waquleka. ULiziwe wahlala phezu kwakhe waze wathula.

 ?? Isithombe: MPHATHI NXUMALO ?? ULIZIWE Ngwayishe ngesikhath­i kwethulwa isigwebo ecaleni lokubulawa kukaNjabul­o Mankayi noLuyanda Msomi ababulawa ngokudlisw­a ushevu ngo-2017
Isithombe: MPHATHI NXUMALO ULIZIWE Ngwayishe ngesikhath­i kwethulwa isigwebo ecaleni lokubulawa kukaNjabul­o Mankayi noLuyanda Msomi ababulawa ngokudlisw­a ushevu ngo-2017
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa