Ugwetshiwe owabulala abafana
USITHOKOZELE isigwebo esinikwe umbulali, umzali womunye wabafana abadliswa ushevu ngabesifazane ababili ngoba omunye esaliwe uyise walaba bafana.
UNksz Nomusa Msomi ongunina kaLuyanda Msomi ongomunye wabafana ababulawa ngokudliswa ushevu, uthi uthobeke inhliziyo ngesigwebo esinikwe omunye wababulali kuleli cala.
ULuyanda wabulawa nomngani wakhe uNjabulo Mankayi ngoNovember 2017.
“Bengazi ukuthi ekugcineni iqiniso lizovela. Isigwebo ngisithokozele kakhulu futhi inhliziyo yami isixolile,” kusho uNkz Msomi.
Uthe lezi zingane bezingabangani zithanda kakhulu ukucula ndawonye. ULiziwe Ngwayishe (35) ubebukeka engazi nokuthi lidumephi ngesikhathi ijaji lethula isigwebo, kanti ungowesibili ukugwetshwa kuleli cala njengoba umngani wakhe ababoshwa naye u-Amahle Maliwa egwetshwe odilikajele ngenyanga edlule emuva kokuvuma icala. ULiziwe ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye, kwamabili okubulala abebhekene nawo. Ngesikhathi iJaji Johan Ploos van Amstel ekhipha isigwebo, ubabaze isihluku lezi zingane ezabulawa ngaso.
“Ummangalelwa akakhombisanga ukuzisola, ngakho kungumsebenzi wezinkantolo ukuthumela umyalezo ocacile kubantu,” kusho uVan Amstel.
Labo dilikajele uzobadonsa kanye kanye okusho ukuthi uzodonsa udilikajele owodwa.
ULiziwe ulahlwe ngecala ngoLwesibili kanti ijaji lithe: “Angikholwa nakancane ukuthi uma waliwa wabulala laba bafana yedwa, futhi emuva kokulahlwa ngecala wagwetshwa udilikajele wabheca ngecala ummangalelwa (Liziwe). Wayengeke athole lutho ngokwenza njalo.”
Uthe laba besifazane bahamba ibanga elingaphezu kwekhilomitha bedingida lolu daba okukhombisa ukuthi lokhu kubulala kwakuhleliwe.
NgoNovemba 9, u-Amahle kuthiwa waya esikoleni sikaNjabulo wathi akaye kodlala enkundleni yemidlalo eduze kwakubo emijondolo yaseClairwood.
UNjabulo waphoqwa ukuphuza okuthile waquleka waphonswa emhosheni.
Isidumbu sakhe satholwa ngamaphoyisa. ULuyanda wabulawa ngoba kuthiwa wayezobampimpa uNjabulo kanti wayiswa ngakujantshi wesitimela waphuziswa okuthile, waquleka. ULiziwe wahlala phezu kwakhe waze wathula.