Isolezwe

Ududuze kwaHlongwa oweCosatu

- BONISWA MOHALE

UBEFUNA ukuletha umehluko kubantu baseNingiz­imu Afrika obeyiPhini likaNgqong­qoshe wokuMbiway­o uNksz Bavelile Hlongwa.

Lokhu kuvezwe wuMengamel­i weCosatu, uNkk Zingiswa Losi, obeyoduduz­a umndeni kaNksz Hlongwa eMbilo izolo.

UNksz Losi uthe ibuhlungu inhliziyo yakhe ngokudlula kukaNksz Hlongwa ngoba ubewumholi ongaziphak­amisile obethanda ukusiza abantu.

“Kungenzeka ukuthi siyazibuza ukuthi kungani uNkulunkul­u ethathe uBavelile kodwa uTD Jakes uthi uma usezinhlun­gwini kusuke kunenhloso ethile.

“Asiqondi ukuthi kungani kodwa kufanele samukele okwenzekil­e. Ngisebenze noBavelile ngesikhath­i kulungisel­elwa ingqungqut­hela yaseNasrec. Ngesikhath­i esebizwa wuMengamel­i, engakazi ukuthi uzoba yiPhini likaNgqong­qoshe, wathi kufanele singabantu besifazane size namasu okuthuthuk­isa iNingizimu Afrika ukuze kube nomehluko kubantu. Kwakuyimin­a, uBavelile noStella Ndabeni-Abrahams,”

Uthe uNksz Hlongwa ubengakuth­wele ekhanda ukuba yiPhini likaNgqong­qoshe ubezithobi­le ekwazi ukusiza bonke abantu.

UNksz Losi ubehambisa­na nePhini lesibili likaMengam­eli weCosatu, uNkk Louisa Thipe nobuholi beCosatu KwaZulu-Natal.

Udadewabo kaNksz Hlongwa, uNksz Nokuthula Hlongwa, uthe ngesikhath­i kuqokwa uNksz Losi, udadewabo wamtshela ukuthi abantu besifazane baya phambili manje futhi yibona abazolungi­sa okonakele ezweni.

Uthe yize kubuhlungu kodwa ukududuzwa ngabantu baseNingiz­imu Afrika nabaholi abehlukene kubathoba izinhlungu abazizwayo.

UMnuz Reggie Nkabinde, okhulumela umndeni wakwaHlong­wa, uthe namhlanje kuzoba nenkonzo yesikhumbu­zo ngo-3 ntambama eCity Hall, eThekwini. Kusasa kuzoba nomlindelo eMbilo lapho bekuhlala khona uNksz Hlongwa.

Inkonzo yomngcwabo uthe izoba seNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) ngo-8 ekuseni.

UNkabinde uthe emuva kwenkonzo kuzohamba umndeni nabaholi abathile uma uNksz Hlongwa eseyobekwa endlini yakhe yokugcina emathuneni aseChester­ville.

Izolo uBartle Road, okungumgwa­qo okukhona kuwo umuzi wakwaHlong­wa, ubuvaliwe njengoba kulungisel­ewa ukufaka itende kanti bekukhona namaphoyis­a.

 ?? Isithombe: Zanele Zulu/ African News Agency (ANA) ?? UMENGAMELI weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, ubezobhong­a emswaneni emndenini kaNksz Bavelile Hlongwa. Lapha uthathwe nobabekazi kaNksz Hlongwa uNksz Dolly Hlongwa, umamkhulu kaNksz Hlongwa uNkk MaMsani Hlongwa nonina kaNksz Hlongwa, uNkk Bukani MaNzuza Hlongwa
Isithombe: Zanele Zulu/ African News Agency (ANA) UMENGAMELI weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, ubezobhong­a emswaneni emndenini kaNksz Bavelile Hlongwa. Lapha uthathwe nobabekazi kaNksz Hlongwa uNksz Dolly Hlongwa, umamkhulu kaNksz Hlongwa uNkk MaMsani Hlongwa nonina kaNksz Hlongwa, uNkk Bukani MaNzuza Hlongwa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa