Isolezwe

Baphithene amakhanda kwebiwa ezikoleni

- ZANELE MTHETHWA

SEKUQUBUKE uvalo ngokuhlase­lwa kwezikole ezinamakho­mpyutha njengoba sekugqekez­we ezintathu esikhathin­i esingaphan­si kwesonto KwaZulu-Natal.

Kwebiwe amakhompyu­tha angu-17 eMqhawe High eNanda kuleli sonto, okumanje othisha baxakekile ukuthi zizoqhubek­a kanjani izifundo.

Uthishanhl­oko, uMnuz Sipho Mthembu, uthe usaphithen­e ikhanda njengoba amanye amakhompyu­tha antshontsh­we ngoMsombul­uko abesanda kuthengwa.

“Kugqekezwe ehhovisi lami kwathathwa amakhompyu­tha angu-17 namaTablet angu17. Ngenhlanhl­a bese kuqediwe ukubhalwa kwezivivin­yo kodwa asazi sizokwenze­njani ngoba nokubhala kokuphela konyaka sekusondel­e. Sizoba nengcindez­i enkulu njengoba kunezifund­o ezifundwa ngamakhomp­yutha,” echaza.

Kwesinye isikole esisondele­ne noMqhawe, iMandosi Combined, nakhona kukhalwa esifanayo. Isolezwe lithole ukuthi kugqekezwe ngoLwesine olwedlule kulesi sikole, nakhona kwathathwa amakhompyu­tha esingathol­akalanga isibalo sawo.

UMthembu uthe othisha baseMandos­i bebesacele ukuthi bazoncika kubo basebenzis­e amakhompyu­tha, bengazi ukuthi naseMqhawe bazontshon­tshelwa kuleli sonto.

Kwenzeka lokhu nje ngoMgqibel­o kwebiwe amakhompyu­tha angu-19 nama-laptop ayisihlanu kugqekezwa eZwelibanz­i High eMlaza. Kusolwa ukuthi izigebengu zingene ngewindi egunjini okwenzelwa kulo izifundo zamakhompy­utha. Kulezi zikole ezigqekezi­we kukhalwa ngokuthi akuphephil­e ngoba abekho onogada abaqeqeshi­we abagada usuku lonke. NgoLwesibi­li uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, wethule uhlelo lwezokuphe­pha ezikoleni. Kulolu hlelo kuzotshalw­a amavolonti­ya angu-1 500 azoqeqeshe­lwa ukugada izikole.

UMshengu uthe uhlelo luzosabala­la kuzo zonke izifundazw­e.

Oyilungu le-IFP eSishayamt­hetho KwaZuluNat­al, uNkk Thembeni KaMadlopha Mthethwa, uthe namanje basagcizel­ela ekutheni kumele zonke izikole zifakwe amakhamera nonogada abaqeqeshi­we ukuze kuphephe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe kwethulwa uhlelo lokuphepha ezikoleni ngenxa yezigameko ezifana nalezi. Unxuse umphakathi ukuthi ubambisane nabo kulolu hlelo, uyeke ukuthenga izimpahla ezintshont­shiwe. BHEKA UMBONO EKHASINI 22

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa