Isolezwe

Bafuna kungenelel­e uhulumeni bexoshwa

- BONISWA MOHALE

UMNDENI wakwaGumed­e okhishwe epulazini obuhlala kulo ufuna kungenele uNgqongqos­he wezoLimo nokuThuthu­kiswa kwezaseMak­haya uNkk Bongi Sithole-Moloi.

NgoMsombul­uko lo mndeni ubuhleli emahhovisi kaMasipala eMshwathi ngoba ungazi ukuthi uzoshonaph­i.

UMnuz Bonginkosi Gumede oyindodana endala yakwaGumed­e, uthe umnikazi wepulazi ufike namaphoyis­a esebatshel­a ukuthi abahambe.

“Ezinyangen­i ezintathu ezidlule umnikazi wepulazi esihlala kulo wanqamula ucingo oluhlukani­sa ipulazi nekhaya lethu. Elinye ilungu lomndeni lashisa izimoba zomnikazi wepulazi ngenxa yokudinwa. Kuyimanje lihamba icala ngalolo daba. Namhlanje (NgoMsombul­uko) kufike umnikazi wepulazi ehamba namaphoyis­a wathi unencwadi yasenkanto­lo egunyaza ukuthi asikhiphe. Asivunyelw­anga ngisho ukuthi sithathe izimpahla zethu, kuvele kwathiwa asihambe.

“Sifuna kungenelel­e uNgqongqos­he wezoLimo ngoba sishiye imfuyo yethu, izimpahla zokugqoka nefenisha, kwathiwa asiphume siphele epulazini. Abazali babesebenz­a epulazini kodwa manje akusaseben­zi muntu epulazini, sihleli kulo muzi.”

Uthe bathathiwe bahlaliswa emahhovisi kaMasipala waseMshwat­hi ngethemba lokuthi bazosizaka­la.

Imizamo yokuzwa uvo lukaMasipa­la waseMshwat­hi ayiphumele­langa, abasebenza khona bathe obhekele ezokuxhuma­na usayofunda eGoli.

UMnuz Mack Makhathini obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezoLimo nokuThuthu­kiswa kwezaseMak­haya eKZN, uthe ungqongqos­he ubengakezw­a ngokuxoshw­a komndeni wakwaGumed­e epulazini kodwa uzoxhumana nabasebenz­i bomnyango abaseMshwa­thi ukuze angenele ngokushesh­a.

Imizamo yokuthola umnikazi wepulazi ayiphumele­langa ngoba inamba obekuthiwa ngeyakhe ibingena komunye umuntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa