Inkinga yokudla kwabafakwe izinso
UKUDLA okungafanele ngemuva kokuhlizwa ezinsweni kungaholela ekutheni izinso ezintsha zibe nenkinga nazo.
Lokhu kushiwo uDkt Claire Martin owungoti wokudla obenza ucwaningo ngeziguli ezingu-76 eziphila negciwane lengculazi ezinikelelwe ngezinso.
UDkt Martin oke wasebenza esibhedlela eNorthdale eMgungundlovu kodwa osanda kuthola iziqu zakhe zePhD, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, wenze ucwaningo olungasiza iziguli ezineHIV, ezinenkinga yezinso. Uthe uqaphele ukuthi iziguli ezinesandulela ngculzai zivamisile ukuhlaselwa izifo ezithinta izinso, kudingeke ukuthi zingene ohlelweni lokuhlanzwa kwezinso, i-dialysis ekubeni kwezinye izibhedlela alukho lolu hlelo.
“Ngabuka ukuthi lezi ziguli zisizakala ngokuthi zithole izinso, bese ziyahlinzwa zifakwe ezinye izinso. Kodwa ingozi engiyibonile ukuthi lezo zinso ezintsha ezifakiwe zingaba nenkinga uma isiguli sidla ukudla okungenayo impilo okuzofaka ingcindezi ezinsweni,” kusho uDkt Martin.
Ngesikhathi enza ucwaningo athi uluqale ngo-2012 kuya ku-2016 ngokuthi enze ucwaningo oluncane abehlola ngalo ukuthi ucwaningo lungaba yimpumelelo yini, uthole imiphumela eveza ukuthi abantu abanezicubu ezidalwa ukuthi bayazilolonga futhi badla ukudla okunempilo bajwayele ukuphila kahle bangabi nayo inkinga yezinso.
Uma kwenzekile baba nayo inkinga, uma sebefakwe ezinye izinso bayaqhubeka baphile kahle bangabi nezinkinga.
Uqhube wathi okunye abantu abangakunaki okuhambisana nokuhlinzwa ufakelwe inso wukuthi ngemuva kokuhlinzwa, isiguli siyakhuluphala okhalweni, uma kungukuthi naso sidla ukudla okungenampilo ukhalo lukhuluphala kakhulu okungasibeka engcupheni yokuthi sihlaselwe ngezinye izifo njengesikashukela.