I-Unizulu izovula emuva kophenyo ngesiteleka
ISIKHUNGO semfundo ephakeme esikhungethwe yizinkinga zombhikisho i-University of Zululand, sithi sizovula uma sekuqedwe uphenyo olunzulu ngodaba lwesiteleka.
Okhulumela isikhungo, uNkk Gcina Nhleko, uthe bakhethe ukukumisa ukufunda njengoba kuqhubeka umbhikisho.
Izitshudeni zalesi sikhungo zikhala ngokuthi aziphephile ezindaweni ezihlala kuzo ezingaphandle kwamagceke enyuvesi. Zingenele umbhikisho zavala umgwaqo uN2 zifuna ukubonana noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele.
Muva nje kusolwa ukuthi izitshudeni zivuke umbhejazane zashisa isiteshi samaphoyisa esakhelene nesikhungo sabo.
Kuthiwa isimo sokungaphephi sibi kangangokuthi kunesitshudeni esilimele kabi ngesikhathi sitholana phezulu nezigebengu zisiphuca izinto zaso. Kuthiwa isitshudeni, uMusawenkosi Nxumalo singeniswe esibhedlela sidutshuliwe nokuyikhona okucasule izitshudeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa ayaphenya ngokushiswa kwesiteshi sawo. Uthe kunabasolwa abangu-30 ababoshwe ngesikhathi sombhikisho, bavela eNkantolo yeMantshi eSikhawini bebhekene namacala okudala uthuthuva emphakathini.
Esinye isitshudeni esicele ukuba singadalulwa igama, sithe besingekho isidingo sokuba amaphoyisa abophe izitshudeni.
“Umbhikisho ubunokuthula kodwa amaphoyisa abechukuluza izitshudeni enzela khona ukuthi uma ziphendula bese ezibopha,” kusho isitshudeni.
UNgqongqoshe wezokuPhepha, ukuThutha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli ozifikele mathupha KwaDlangezwa, ukugxekile ukushiswa kwesiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana nokuvalwa kwemigwaqo.
Uncome nesinyathelo senkosi uMandla Mkhwanazi ebize imbizo nomastende okuqashe kubo izitshudeni ezoba ngoSepthemba 25 okuzodingidwa kuyo udaba lwezokuphepha.
Amaphoyisa asakuyo le ndawo aqaphe isimo kuze kube sibuyela kwesejwayelekile.