Isolezwe

Kuzofundwa lukhulu kowezamabh­izinisi

- BONISWA MOHALE

SEKUMI ngomumo ngombukiso omkhulukaz­i wamabhizin­isi iDurban Business Fair ozoba ngoSepthem­ba 25 uphele ngoSepthem­ba 29, eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC).

Indikimba yalo nyaka ithi: A Journey of Innovation, kulokhu iDurban Business Fair izobe igubha iminyaka ewu-21 yasungulwa.

Kuningi okuzokwenz­eka okubalwa izithangam­i zokucobele­lana ngolwazi, ukupheka, izimakethe zasemgwaqw­eni nemibukiso yosomabhiz­inisi abancane nezinkampa­ni ezinkulu.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba iPhini leMenenja kaMasipala weTheku kwezokuThu­thukiswa koMnotho nokuHlela, uMnuz Phillip Sithole, kuzodingid­wa ngobuchwep­heshe besimanje nomthelela wabo kwezamabhi­zinisi.

“IDurban Businesss Fair izohlomisa osomabhizi­nisi ngamakhono ahlukene ngoba kuningi okuzobe kwenziwa njengoba sekukhona i-4th Industrial Revolution. Sizogxila kwezobuchw­epheshe besimanje ngoba osomabhizi­nisi kufanele bangene kubona. Kufanele sihambisan­e noguquko olwenzeka ezimakethe nasemhlabe­ni jikelele. Siyabagqug­quzela osomabhizi­nisi ukuthi bahlelele ingomuso yingakho sibamema kwiDurban Business Fair,” kusho uSithole.

Kuzoba kunezithan­gami zokucobele­lana ngolwazi ezizothuth­ukisa osomabhizi­nisi besifazane, ezigxile kwezohwebo emhlabeni jikelele, eze-wholesale nezinye.

Kulindelwe osaziwayo abahlukene nosomabhiz­inisi abadumile.

IDurban Business Fair ihanjelwa ngabantu abawu-30 000 minyaka yonke okukhona nezinkampa­ni zamazwe angaphandl­e.

Ngesikhath­i isungulwa yayinamabh­izinisi awu-100 kodwa manje sekukhangi­sa izinkampan­i ezingaphez­u kuka-600.

Abanezinga­ne nabo behlelelwe kwiDurban Business Fair ngoba zizobhekel­elwa.

Kungenwa mahhala, eminye imininingw­ane itholakala ku-www.dbnbusines­sfair.com; ekhasini likaFacebo­ok: @Durban Business Fair; kwelikaTwi­tter: @DBNBusines­sFair bese elikaInsta­gram: Durban_Business_Fair.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa