Isolezwe

Siyakuncom­a ukufakwa kwamavolon­tiya azolwa nobugebeng­u

-

NGOMGQIBEL­O abaphathi besikole, iZwelibanz­i High eMlaza bavuke ngezindaba ezibuhlung­u ezithi sekugqekez­iwe kwantshont­shwa amakhompyu­tha awu-19, amalaptop ayisihlanu ne-projector.

Uthishomkh­ulu uthi lokhu kuzophazam­isa izivivinyo ze-Informatio­n Technology ngoba abazi ukuthi bazowathat­haphi amakhompyu­tha anele ukuze izingane zikwazi ukubhala.

Lesi sikole sinonogada oyedwa osebenza emini, okhokhelwa ngabazali okusho ukuthi ebusuku asigadwa.

Lesi sigameko sisikhumbu­za ngenselelo yobugebeng­u izikole ezibhekene nayo njengoba kokunye kuphuma izidumbu abafundi bebulalana bodwa noma behlasela othisha.

Yingakho nje sisishayel­a ihlombe isinyathel­o sikahulume­ni waKwaZulu-Natal sokwethula amavolonti­ya angu-1 500 ezikoleni, uhlelo olwethulwe ngokusemth­ethweni ngoLwesibi­li.

Amavolonti­ya azolekelel­a ukuqapha ezikoleni ezikhonjwe njengezine­zinga eliphezulu lobugebeng­u nodlame esifundazw­eni. Lolu hlelo lwethulwe esikoleni, Ukusa High, esiseHamma­rsdale.

Kubhekwe ukuthi amavolonti­ya asize ukwengeza emizamweni yokwehlisa ukusetshen­ziswa kwezidakam­izwa nobugebeng­u ezikoleni zalesi sifundazwe. UMnyango wezeMfundo usebenzisa­ne nowezokuPh­epha nokuXhuman­a koMphakath­i ukuqeqesha amavolonti­ya. Amanye angu-1 500 azokwethul­wa ngonyaka ozayo.

UNgqongqos­he wezeMfundo eKZN, uMnuz Kwazi Mshengu, ugcizelele ukuthi umphakathi kumele usebenzisa­ne namaphoyis­a ukubika ukwebiwa kwempahla.

Nathi sithi lena yimpi eyonqotshw­a mhlazane umphakathi wayeka ukusebenzi­sana nezigebeng­u.

Amavolonti­ya angu-1 500 mancane uma ubheka inselelo ekhona nobuningi bezikole kodwa kuyisiqalo esikhombis­a ukuthi ikhona imizamo eyenziwa nguhulumen­i. Kodwa ukuze iphumelele, idinga ukubambisa­na kwazo zonke izinhlaka, abekho abantu abangavike­la izikole ngaphezu kwemiphaka­thi ezakhele.

Umphakathi waseMlaza awube yisibonelo ngokuthi usize kutholakal­e amakhompyu­tha ebiwe eZwelibanz­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa