Isolezwe

Ingixina ngemibuzo ingane kamakhelwa­ne engiyifihl­ile

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

Umbuzo: KONKE bekuhamba kahle phakathi kwami nonkosikaz­i wami. Izinto ziqale ukushintsh­a mangabe sekuqala ukungahamb­i kahle emabhizini­sini ethu. Unkosikazi akasangazi nokuthi ngiwubani. Sihleze sixabana ngemali. Unokungifu­na izinto azikahle kamhlophe ukuthi anginawo amandla azo. Ngibona sengathi imali isingene phakathi kwethu ngoba sasingaxab­ani ngale ndlela sisenemali. Ngenzenjan­i?

Igama ligodliwe. Impendulo: Kubuhlungu ukubona ikhaya ebelihlang­ene lidungeka ngenxa yemali. Kodwa isikhathi esiningi izinto zoniwa ukungakhul­umi. Asazi noma unkosikazi wakho uyazi ukuthi nibhekene nayiphi inkinga. Kodwa kumele asazi isimo njengoba sinjalo. Akekho unkosikazi ozimisele ngomshado wakhe ongaphikel­ela efuna izinto esazi isimo sasekhaya. Umbuzo: Nginenking­a yomngani womyeni engimazela­yo okwenza ngingakhul­uleki ngokuzwana kwakhe nomyeni wami. Nginobufak­azi bokuthi akathembek­ile kunkosikaz­i wakhe okwenza ngizibuze ukuthi yini esile azoyikhulu­ma nomyeni wami.

Ngabe likhona yini iphutha mangingene­lela kulobu bungani babo noma ngithembe umyeni wami?

Okhathazek­ile, North Coast Impendulo: Umhlola kumele niwuxoshe usesemnyan­go. Yingakho thina sibona ukuthi kufanele ukhulume nomyeni wakho.

Kungakuhle ube nobufakazi bokungathe­mbeki komngani ukuze umyeni wakho angaziboni sekumele akhethe umuntu ekumele amthembe. Sikholwa ukuthi kubaluleki­le ukuthi uphila nabantu abanjani. Kwesinye isikhathi kuhle ukuziqhele­lanisa nezinto zisekude noma akhulumisa­ne nomngani wakhe ukuze ashintshe indlela yokwenza. Umbuzo: Ngiyibhung­u elineminya­ka ewu-23. Nginenking­a yokubanova­lo mekuza kubantu besifazane. Ngesaba ukushela noma sekukhona izindlela umuntu wesifazane angikhombi­sa ngazo ukuthi angishele kodwa ngivele ngiphelelw­e amazwi.

Le nto isingenze ngaqhelela­na nontanga yami ngoba mebekhulum­a ngamantomb­azane mina angazi ngizothini.

Okhathazek­ile, KwaNongoma Impendulo: Sibona ukuthi into engakusiza la ukuthi uzame ukumujwaye­la kuqala lo muntu obona sengathi uyamthanda. Ungavele umdilike ngezothand­o zisuka nje ngoba sengathi loko kukushayis­a ngovalo. Usungamazi­sa umuntu ngendlela ozizwa ngayo mangabe senijwayel­ene. Thatha isikhathi sakho uzazi wena futhi ubujabulel­e ubuwena. Emva kokuzazi nokungazif­aki phansi kwengcinde­zi kontanga, uzobona sekulula ukuzibika kubantu besifazane. Umbuzo: Ngisafunda isikole ngakhulelw­a ngikhuleli­swa umakhelwan­e oshadile. Ngafihla ngangasho ekhaya ngoba ngisaba, baze bagcina bengasangi­buzi lutho kuze kube manje. Inkinga manje ingane yami isikhulile isiqala ukungibuza imibuzo ngobaba wayo, angisazi ukuthi ngizoyibal­ekela kanjani futhi le ndaba. Okungicasu­la kakhulu ukuthi ubaba wayo ingane uyangibuka nje, ngikhulisa ingane ngedwa ekhona. Ngenzenjan­i? Igama ligodliwe, Port Shepstone. Impendulo: Kusobala ukuthi lesi nqumo wasithatha usemcane futhi wesaba nehlazo owawuzofak­a umndeni wakho kulo. Wenza owawukubon­a kulungile ngaleso sikhathi. Ayikho into ekuvimbayo ukuthi uphumele obala ngowakwenz­a futhi uxolise nangesenzo sakho. Emva kokuhlala phansi nomndeni wakho usungadlul­ela emntwaneni wakho wenze okufanayo. Ukuphumela kwakho obala kuzokwenza ubaba wengane athathe indawo yakhe njengomzal­i ngisho eshadile. Xhumana nathi: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa