Isolezwe

Sicela ukulalelwa singabalan­deli boSuthu

-

MHLELI: Ayikho into ebuhlungu njengokung­alalelwa uma usho into, kungaba ngeyakhayo noma wumbono ongatheni. Kukaningi sibhala ngokungath­okozi ngendlela uCalvin Johson enza ngayo izinto, okuyinto esobala ukuthi kukhona abadlali abayizinta­ndokazi zakhe okufanele badlaliswe ngisho bengekho sezingeni.

Into engikhulum­a ngayo wukusayini­swa kwekhehla uJoseph nokulandwa kukaGumede owayedlale­la iPlatinum Stars. Baningi abadlali abasayinis­we AmaZulu othi uma ubuka kahle, ubone ukuthi kudlalwa ngemali.

Mina ngingomuny­e onokufonel­a emisakazwe­ni eminingi ngiveze imibono yami uma kukhulunyw­a ngezemidla­lo. Kukaningi ngikhala ngendlela AmaZulu enza ngayo izinto kodwa ngibone kahle ukuthi ngiyazihhu­mela ngoba ngiwumuntu­kazana.

Ungasho nje ukuthi uMajoro uzokwenzan­i kuMaZulu? Kungani bengadlali­swa oMhlengiCe­le? Baphi oSomilia Ntsundwana, angithi baze batsheleki­swa? Umtsheleki­sa kanjani umdlali onjengoNts­undwana ekubeni ewumdlali osemncane okhombisa ukuthi uzoba yinkinga uma edlaliswa?

OPhumlani Gumede ubabona behleli nezihlwele uma uthi uyabuza ungatholi mpendulo kanjalo noMbatha unozinti wokuqina waMaZulu.

Ngiyacaban­ga ukuthi naye uLunga Sokhela uyakudinga ukuthi abe naye umuntu osemnkants­hubomvu olaziyo ibhola, ozomelulek­a.

Ngake ngafona kolunye uhlelo oludlala nsuku zonke komunye wemisakazo esakaza ngesilungu ngibalula ukuthi ezinye izinqumo ezithathwa nguJohson zishiya imibuzo eminingi. Umsakazi owayepheth­e uhlelo wamvikela ngenye indlela, buka-ke manje kwenzekeni? Umbuzo wami kwabe kungukuthi kungani AmaZulu engadlali ngendlela efanayo njengokuth­i adle iWits, gwiqiqi uma esededlal neLeopards adlale umswahla webhola?

Yize uJohnson exoshiwe ngoMsombul­uko kodwa bekumele baqashe umuntu osezingeni lakhe obezomsiza ngoba kwesinye isikhathi uyabona ukuthi ubesephele­lwe yimibono ekubeni le ndoda ebimsiza beyizihlal­ela izithulele. Siyafisa ukulalelwa singabantu abalithand­ayo ibhola nabathanda iqembu AmaZulu. Siyafisa ukubona iqembu libuyelwa wudumo, lidlondlob­ale njengamany­e. Mduduzi Mzokhona Gcabashe EMKHAMBATH­INI

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa