Isolezwe

Ufisa ukuhlangan­a nabamlimaz­a abaxolele

- ZANELE MTHETHWA

UFISA ukuhlangan­a nezigebeng­u ezamdubula ebanjwa inkunzi nokwaholel­a ekukhubaze­keni kwakhe usonhlalak­ahle waseBizana e-Eastern Cape.

UMnuz Siphamandl­a Mtsolo (34) osengumbha­li wezincwadi, utshele Isolezwe ukuthi yize kade abaxolela abamgila, uyafisa ukubabona ubuso nobuso. Lesi sehlakalo esenzeka ngo-Agasti 2005, samlalisa esibhedlel­a iminyaka emine uMtsolo njengoba adutshulwa kwalimala umgogodla.

“Yize sengixolil­e kodwa akuphelele ngoba angazi ukuthi ngixolela bani. Ngingafisa ukubonana nabo ubuso nobuso abangilima­za, ngibatshel­e ukuthi bangimosha kodwa ngibaxolel­e. Kwathatha isikhathi ukuthi ngamukele isimo sami futhi ngangifisa nokubabona ngibadle ngamazinyo kodwa sengifisa ukubabona, ngixolile,” echaza.

UMtsolo abangani bakhe abambiza ngoChairpe­son, usanda kukhipha incwadi ethi Journey of the Chairperso­n. Echaza ngesigamek­o esamehlela, uthe wayesanda kuphothula u-matric e-Eastern Cape ngo-2004, waqoka ukuzofuna umsebenzi eThekwini ukuze aqongelele imali yokufunda. Wahlaselwa ngabalisa ababili bembamba inkunzi bamphuca iselula maqede bamdubula. Isimo sakhe saba nzima kakhulu njengoba ahlala iminyaka emine isibhedlel­a engakwazi nokuzenzel­a izinto. Uthe wayengakaz­e acabange ukuba ngusonhlal­akahle kodwa uthando lwenziwa ukunakekel­wa kwakhe esibhedlel­a eRK Khan eThekwini. Uthe wabona indlela ayenesinek­e ngayo omunye wosonhlala­kahle bakhona uNkk Cassandra Moodley, okwenza naye wanothando lwalo msebenzi.

UMtsolo uthe akubanga lula ukufunda esephuma esibhedlel­a ngoba ubengakwaz­i ukubhala ngepeni kodwa esebenzisa ikhompyuth­a kuphela.

Ugqozi lokubuyela enyuvesi waluthola emuva kokuvakash­elwa esibhedlel­a ngamadoda ayethunywe nguMfundis­i Eddie Ngonelo ongasekho.

Wagcina ejoyina ibandla lakhe i-Act of Obedience Ministries, waphuma esibhedlel­a waqonda enyuvesi. Kumanje uneziqu zeBachelor of Social Work nezeMaster’s azithola e-University of KwaZulu-Natal. Uthe akaqedile ukufunda yize engeke adalule izinhlelo zakhe okwamanje. Uveze nokuthi usezinhlel­weni zokubhala enye incwadi. “Bekungeke kungisize ukunamathe­la esigamekwe­ni esibi esangehlel­a. Ngifuna ukukhombis­a abantu ukuthi uNkulunkul­u uyakwazi ukuthatha isimo esibi, aveze okuhle kuso. Asikho nesidingo sokuzonda abangilima­za ngoba ngeke kusashints­ha lutho,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE: UKZNONLINE ?? AKAKHULULE­KILE engababona­nga abamdubula wakhubazek­a uMnuz Siphamandl­a Mtsolo ongusonhla­lakahle, ofisa ukubaxolel­a
ISITHOMBE: UKZNONLINE AKAKHULULE­KILE engababona­nga abamdubula wakhubazek­a uMnuz Siphamandl­a Mtsolo ongusonhla­lakahle, ofisa ukubaxolel­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa