Isolezwe

Intela ithathwa ngisho usushonile

-

UMA uzitshela ukuthi ngeke uyikhokhe intela uma usushonile, kumele ucabangisi­se ngoba yonke imali oyenze usaphila izoba inentela okusho ukuthi uma uhlela izindaba zakho zamafa kufanele ubhekele nezindaba zentela.

UNkk Anica Ungerer, ongoMqondi­si wezindaba zamafa nempahla yabantu asebeshoni­le eMazars, uthe abantu ababhalise­la amafa kuleli sonto elibizwa ngeNationa­l Wills Week kufanele bakhumbule ukuthi kunentela okufanele bayibhale, okubalwa edonswa emholweni womuntu.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba uNkk Ungerer, uthe uma umuntu eshona labo abasuke bebhekele izindaba zakhe baye babheke ukuthi ubeyikhokh­a kahle yini intela bese bethumela imininingw­ane yakhe kwaSars.

Ababhekele izindaba zomuntu oseshonile bakwazi ukusho ukuthi ubenamalin­i uma zonke izindaba zakhe zentela seziphothu­lwe wuSars.

Uthe ngaphambi kukaMashi 16 abantu bebengapho­qelekile ukuthi bahambise imininingw­ane kamufi kwaSars kodwa emuva kokuthi abawaSars bebone ukuthi balahlekel­wa yimali eningi baye bathi abantu ababhekele izimali zoshonile kufanele bayokhokhe­la intela yakhe.

Emuva kwalokho babhalise konke okwakhe kabusha ngoba izimali zoshonile nazo kufanele zikhokhe intela kwazise uma enempahla engenisa imali, iyayingeni­sa noma eseshonile.

Okwesibili, uNkk Ungerer athe kufanele abantu bakubheke, yiCapital Gains Tax efakwa kwimizi, amasheya nama-unit trusts.

Uthe abantu kufanele bafunde ngale

ntela ukuze bazi ukuthi yikuphi okubathint­ayo nokuzosiza imindeni yabo uma sebebhala amafa.

Okwesithat­hu yi-Estate Duty, okuyintela efakwa empahleni yomuntu oshonile, ikakhuluka­zi uma sekwabiwa ifa lakhe linikwa abantu ababhalile.

Ivamise ukukhokhwa ngabantu abanempahl­a yemali eningi mhlawumbe imizi ebiza izigidi nezimoto zikanokush­o.

Abantu abanempahl­a engaphezu kukaR30 million bakhokha intela ka-20%.

Kodwa lokho akusho ukuthi abanempahl­a engabizi izigidi abayikhokh­i. Kubaluleki­le ukuthi abantu bafunde kabanzi ngezinhlob­o zentela ukuze babone olubathint­ayo.

Le ntela ayifakwa empahleni eshiyelwe umyeni noma unkosikazi wosuke eshonile.

Enye intela okufanele abantu bayikhumbu­le iValue Added Tax, Donations Tax nentela ethinta uSection 7C wezikwelet­u.

Yonke le ntela uNkk Ungerer uthe ingaba nomthelela ekucazweni kwempahla yomuntu osuke eseshonile ngakho kubaluleki­le ukuyihlele­la uma kubhalwa incwadi yefa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa