Isolezwe

Bakhala ngamanzi abashelwe yipayipi

- PHILI MJOLI

USUBANGA amanzi nezinkomo umphakathi waKwaNyusw­a othi sekuphele izinyanga ezintathu kwasha ipayipi lamanzi eliphakela lo mphakathi.

Lo mphakathi uthi yonke iminyaka leli payipi elihamba ngaphezulu, lishiswa wumlilo uma kunemililo yequbula.

UMnuz Thabani Zuma, osekomitin­i lomphakath­i, uthe uma bebika ngalokhu kwamasipal­a, batshelwa ukuthi lukhona uhlelo lokuthi leli payipi limbelwe ukuze umphakathi uthole amanzi.

“Lisha nje, vele amanzi awasaphumi, zonke izinsuku umphakathi waseShowe uzithola kumele uye emifuleni noma uthembele emanzini alethwa yimoto. Abantu abadala bayehlulek­a ukuqhuba amabhala baye lapho etholakala khona. Kungani kumele kuthathe isikhathi eside kangaka ukulungisa udaba olubalulek­e njengokuth­olakala kwamanzi emphakathi­ni. Ikhansela lethu siyalithum­a ukuthi liyokhulum­a lolu daba, libuye lithi uphiko lwamanzi seluqalile ukuyilungi­sa inkinga,” kusho yena.

Ilungu lomphakath­i lithe kwakhona ukufakwa kwaleli payipi elihamba ngaphezulu, kwakuwukub­ukela phansi umphakathi wasemakhay­a ngoba kulula ukuthi licekelwe phansi, umphakathi usale ungenawo amanzi.

“Uma kukhona ofuna ukuzwa ukuthi ucelemba wakhe uyasebenza yini uyaliklabh­a, ofuna ukuzwa ukuthi induku yakhe inamandla angakanani uyalishaya, umlilo ebusika uyalishisa, angazi ukuthi owayethe alifakwe wayecabang­e kanjani,” kusho yena.

Ikhansela uMnuz Themba Shelembe livumile ukuthi sekunesikh­athi ipayipi elisuka eBotha’s Hill liye eShowe lasha, kodwa lathi umasipala ufake amathangi lapho umphakathi uthola khona amanzi okwesikhas­hana.

“Leli payipi lalenzelwe ukuthi lisebenze okwesikhas­hana ngeshwa ligcine selihlala isikhathi eside. Ingqalasiz­inda yamanzi yaphambili­ni yayifakelw­e ukuphakela abantu abancane kuthe uma sekuba nentuthuko baba baningi abantu okumele bathole amanzi, lagcina leli payipi selilincan­e. Kwafakwa isicelo ukuthi kufakwe elikhulu njengamanj­e sikulolo hlelo. Kwalona leli elishile bese lingasakwa­zi ukuphakela umphakathi. Siyacela umphakathi ukuthi ubekezele ngoba lolu hlelo lokuqokwa kwenkampan­i ezofaka ipayipi elisha seluya ngasemaphe­thelweni,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa