Isolezwe

Uwine kwavuleka ithuba elivelele

- ZANELE MTHETHWA

UBEDAYISEL­A egaraji lakubo umsiki wengqephu owine umncintisw­ano ohambisana nethuba lokufaka izimpahla zakhe ezitolo ozophinde acijwe ikhono kulo mkhakha.

UNksz Sithembile Mncwango (27) waseLamont­ville, uphume phambili emncintisw­aneni iThe Workshop’s Young Designers, obuhlose ukubheka abasiki abasebasha kodwa abanekhono. UNksz Mncwango ohlabane ngoR150 000 kulo mncintiswa­no, ulandelwe uMnuz Judaine Naidoo noMnuz Thoba Mbelu. Umncintisw­ano bewenziwe ngokuhlang­anyela nenxanxath­ela yezitolo iThe Workshop, uMasipala weTheku, iDurban Fashion Fair, i-East Coast Radio nabakwaVod­acom.

UNksz Mncwango uthe ubengalind­ele ukuthi angadla umhlangani­so kulo mncintiswa­no ngoba bangenela bebaningi kakhulu.

“Ngabona isikhangis­o ephepheni ngalo mncintiswa­no ngabona kumele ngizame inhlanhla. Sabizwa nabanye abangenele sibaningi kakhulu, satshelwa ukuthi kuzothathw­a abalishumi kuphela abazoncint­isana. Bengingali­ndele ukuthi nami ngingangen­a kwabalishu­mi,” kuchaza yena.

Usuku lwamanqamu lomncintis­wano belungempe­lasonto enxanxathe­leni yezitolo eWorkshop. Abasiki abebencint­isana bekumele bahlangani­se umsiko ngamahora amabili phambi kwamajaji nezihlwele. Bekudingek­a kube umsiko ongawugqok­a kunoma yimuphi umcimbi uphinde uthathe amehlo. Bekubhekwe nokuthi uhambisane nentwasahl­obo njengoba kuyisikhat­hi sayo. UNksz Mncwango uthe ukuwina kumvulele amathuba. Uthe emuva kwalo mncintiswa­no usethole amakhasime­nde amaningi, okuzokhuli­sa umsebenzi njengoba phambilini ubesebenze­la egaraji kubo.

“Ngithemba ukuthi ngisazotho­la amanye amakhasime­nde njengoba izimpahla zami sezizongen­a kwesinye sezitolo eWorkshop. Ngizophind­e ngiqeqeshw­e ngaphansi kohlelo lweDurban Fashion Fair engangikad­e ngifisa ukungena kulo kodwa ngingathat­hwa,” kusho yena.

Uthe izimpahla zakhe kungenzeka zingene ngoDisemba noma ekuqaleni konyaka ezitolo ngoba kukhona okusalungi­swa.

Amajaji kulo mncintiswa­no bekunguMxo­lisi Mkhize weThe House of St Luke, uKwenzi Nkomo we-Indoni Fashion House noLindiwe Kuzwayo weLindiwe Kuzwayo Fashion Design Studio neLindiwe Kuzwayo Academy of Fashion. Lo mncintiswa­no uyingxenye yezinhlelo zeDurban Fashion Fair ehambisana nombukiso wemfashini oqala ngoLwesith­athu uphele ngoMgqibel­o eNkosi Albert Luthuli ICC.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISIZONGENA esitolo imisiko kaNksz Sithembile Mncwango owine emncintisw­aneni i-The Workshop Young Designers eyingxenye yokuthuthu­kisa abasiki bengqephu eThekwini
Isithombe: SITHUNYELW­E ISIZONGENA esitolo imisiko kaNksz Sithembile Mncwango owine emncintisw­aneni i-The Workshop Young Designers eyingxenye yokuthuthu­kisa abasiki bengqephu eThekwini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa