Bakhala ngamanzi abashelwe yipayipi
USUBANGA amanzi nezinkomo umphakathi waKwaNyuswa othi sekuphele izinyanga ezintathu kwasha ipayipi lamanzi eliphakela lo mphakathi.
Lo mphakathi uthi yonke iminyaka leli payipi elihamba ngaphezulu, lishiswa wumlilo uma kunemililo yequbula.
UMnuz Thabani Zuma, osekomitini lomphakathi, uthe uma bebika ngalokhu kwamasipala, batshelwa ukuthi lukhona uhlelo lokuthi leli payipi limbelwe ukuze umphakathi uthole amanzi.
“Lisha nje, vele amanzi awasaphumi, zonke izinsuku umphakathi waseShowe uzithola kumele uye emifuleni noma uthembele emanzini alethwa yimoto. Abantu abadala bayehluleka ukuqhuba amabhala baye lapho etholakala khona. Kungani kumele kuthathe isikhathi eside kangaka ukulungisa udaba olubaluleke njengokutholakala kwamanzi emphakathini. Ikhansela lethu siyalithuma ukuthi liyokhuluma lolu daba, libuye lithi uphiko lwamanzi seluqalile ukuyilungisa inkinga,” kusho yena.
Ilungu lomphakathi lithe kwakhona ukufakwa kwaleli payipi elihamba ngaphezulu, kwakuwukubukela phansi umphakathi wasemakhaya ngoba kulula ukuthi licekelwe phansi, umphakathi usale ungenawo amanzi.
“Uma kukhona ofuna ukuzwa ukuthi ucelemba wakhe uyasebenza yini uyaliklabha, ofuna ukuzwa ukuthi induku yakhe inamandla angakanani uyalishaya, umlilo ebusika uyalishisa, angazi ukuthi owayethe alifakwe wayecabange kanjani,” kusho yena.
Ikhansela uMnuz Themba Shelembe livumile ukuthi sekunesikhathi ipayipi elisuka eBotha’s Hill liye eShowe lasha, kodwa lathi umasipala ufake amathangi lapho umphakathi uthola khona amanzi okwesikhashana.
“Leli payipi lalenzelwe ukuthi lisebenze okwesikhashana ngeshwa ligcine selihlala isikhathi eside. Ingqalasizinda yamanzi yaphambilini yayifakelwe ukuphakela abantu abancane kuthe uma sekuba nentuthuko baba baningi abantu okumele bathole amanzi, lagcina leli payipi selilincane. Kwafakwa isicelo ukuthi kufakwe elikhulu njengamanje sikulolo hlelo. Kwalona leli elishile bese lingasakwazi ukuphakela umphakathi. Siyacela umphakathi ukuthi ubekezele ngoba lolu hlelo lokuqokwa kwenkampani ezofaka ipayipi elisha seluya ngasemaphethelweni,” kusho yena.