Isolezwe

Uthenge ifemu entsha oweMaz

- BONISWA MOHALE

NGESIKHATH­I ezinye izinkampan­i zidiliza abasebenzi ngenxa yesimo somnotho, uMnuz Musa Zulu weMaz Herbal Products, uthenge ifemu entsha azosebenze­la kuyo wanyusa nesibalo sabasebenz­i sisuka ku-20 saya ku-50.

UZulu uthe uthenge ifemu eseNew Germany, ePinetown, ukuze akwazi ukwandisa imikhiqizo ayenzayo nokuthi adale amanye amathuba omsebenzi.

“Ngineminya­ka engaphezu kuka-15 ngizakhela imikhiqizo ehlukene okuyizimbi­za, izimonyo, ama-bath salt nokunye. Bengiseben­zela eBriardene ngiqashile kodwa ngabona ukuthi uma ngifuna ukuthuthuk­isa ibhizinisi kufanele ngithenge indawo yami. Lapha ngizokwazi ukwandisa imikhiqizo engiyenzay­o njengoba sengifake iphalishi, impepho nokunye okuningi.”

UZulu uthe okwenza ibhizinisi lakhe likhule wukwesekwa ngabantu abathenga imikhiqizo yakhe bese kuba wumndeni wakhe ikakhuluka­zi umkakhe athe uhlale emgqugquze­la kukho konke akwenzayo.

“UNkulunkul­u nabakithi bayangisiz­a ukuthi umsebenzi wami ukhule. Kule nyanga yamaGugu ngithanda ukugqugquz­ela osomabhizi­nisi ukuthi bangayikho­hlwa imvelaphi yabo ngoba nami ngiziphili­sa ngomsebenz­i engawufund­a ekhaya. Ngiyabagqu­gquzela nokuthi bathuthuki­se amakhono abasebenzi ukuze izinkampan­i zabo zingawi,” kusho uZulu.

Uveze ukuthi yena unabaseben­zi abaneziqu zemfundo ephakeme nabangenaz­o iziqu kodwa uyabafundi­sa umsebenzi bese bekhula emsebenzin­i wakwaMaz Herbal.

“Nginamagat­sha eGoli, eMthatha, eMatatiele naseCape Town. Angiyi kuzona zonke lezi zindawo kodwa kusebenza abantu engibaqash­ile.”

Njengoba kuyinyanga yamaGugu, uZulu unomncinti­swano ovumbulula ithalente lomaskanda obizwa ngeZindlov­ukazi zikaMageba ozoba seBat Centre, eThekwini, ngoSepthem­ba 28.

UZulu uthe abantu abeze ngobuningi babo ngoba kungenwa mahhala.

“Angigcini ngokuba nebhizinis­i kodwa ngiyanikel­a emphakathi­ni ngoba imikhiqizo yami ithengwa wumphakath­i ngakho kufanele ngenze isiqinisek­o sokuthi imindeni iyadla. Ngiphinde ngenze nesiqinise­ko sokuthi umaskandi awushabala­li ngokuba nomcimbi weZindlovu­kazi zikaMageba. Kubaluleki­le ukuthi singayikho­hlwa imvelaphi yethu ngoba yenza sazi lapho sibheke khona.”

UZulu uthe eminyakeni emithathu ezayo uzimisele ukwandisa amathuba omsebenzi, izitolo okudayiswa kuzo imikhiqizo yakhe aze ayoyidayis­a naphesheya.

“Osomabhizi­nisi abamnyama akufanele bazenyeze kodwa kufanele babe nokuzethem­ba badayise imikhiqizo yabo kuzo zonke izindawo. Abahlangan­e nezinhlang­a ezehlukene ngoba mina ngihlangan­a namaNdiya, abelungu, amaChina nabamnyama bakwamanye amazwe.

“Eminye imikhiqizo yami yenziwa e-India ifike ngomkhumbi lapha. Nginezinhl­elo zokufunda ukuzenzela yona ngithenge nemishini kwamanye amazwe yingakho ngixoxa nabanye abantu.”

UNksz Smangele Dlamini (32), osebenza eMaz Herbal, uthe ubeqashwe efemini yezicathul­o kodwa wayeka ngenxa yokuthi amakhemikh­ali abemlimaza esifubeni.

“Ngiqale kule nyanga la eMaz Herbal futhi ngiyawutha­nda umsebenzi engiwenzay­o ngoba ngifaka amalebuli kumakhonte­yina emikhiqizo yalapha ekhaya. Ngiphathek­e kahle ngoba imikhiqizo eyenziwayo ayingilima­zi ndawo,” kusho uNksz Dlamini.

 ?? Izithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA ?? UMNUZ Musa Zulu uthathwe nabasebenz­i bakhe nemikhiqiz­o emisha okubalwa iphalishi nempepho. Isibalo sabasebenz­i sesinyukil­e sisuka ku-20 saya ku-50
Izithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA UMNUZ Musa Zulu uthathwe nabasebenz­i bakhe nemikhiqiz­o emisha okubalwa iphalishi nempepho. Isibalo sabasebenz­i sesinyukil­e sisuka ku-20 saya ku-50
 ??  ?? ABASEBENZI baseMaz Herbal bathathwe bematasa bepakisha amabhokisi anemikhiqi­zo yale nkampani ezodayiswa ezitolo ezihlukene
ABASEBENZI baseMaz Herbal bathathwe bematasa bepakisha amabhokisi anemikhiqi­zo yale nkampani ezodayiswa ezitolo ezihlukene

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa