Uthenge ifemu entsha oweMaz
NGESIKHATHI ezinye izinkampani zidiliza abasebenzi ngenxa yesimo somnotho, uMnuz Musa Zulu weMaz Herbal Products, uthenge ifemu entsha azosebenzela kuyo wanyusa nesibalo sabasebenzi sisuka ku-20 saya ku-50.
UZulu uthe uthenge ifemu eseNew Germany, ePinetown, ukuze akwazi ukwandisa imikhiqizo ayenzayo nokuthi adale amanye amathuba omsebenzi.
“Ngineminyaka engaphezu kuka-15 ngizakhela imikhiqizo ehlukene okuyizimbiza, izimonyo, ama-bath salt nokunye. Bengisebenzela eBriardene ngiqashile kodwa ngabona ukuthi uma ngifuna ukuthuthukisa ibhizinisi kufanele ngithenge indawo yami. Lapha ngizokwazi ukwandisa imikhiqizo engiyenzayo njengoba sengifake iphalishi, impepho nokunye okuningi.”
UZulu uthe okwenza ibhizinisi lakhe likhule wukwesekwa ngabantu abathenga imikhiqizo yakhe bese kuba wumndeni wakhe ikakhulukazi umkakhe athe uhlale emgqugquzela kukho konke akwenzayo.
“UNkulunkulu nabakithi bayangisiza ukuthi umsebenzi wami ukhule. Kule nyanga yamaGugu ngithanda ukugqugquzela osomabhizinisi ukuthi bangayikhohlwa imvelaphi yabo ngoba nami ngiziphilisa ngomsebenzi engawufunda ekhaya. Ngiyabagqugquzela nokuthi bathuthukise amakhono abasebenzi ukuze izinkampani zabo zingawi,” kusho uZulu.
Uveze ukuthi yena unabasebenzi abaneziqu zemfundo ephakeme nabangenazo iziqu kodwa uyabafundisa umsebenzi bese bekhula emsebenzini wakwaMaz Herbal.
“Nginamagatsha eGoli, eMthatha, eMatatiele naseCape Town. Angiyi kuzona zonke lezi zindawo kodwa kusebenza abantu engibaqashile.”
Njengoba kuyinyanga yamaGugu, uZulu unomncintiswano ovumbulula ithalente lomaskanda obizwa ngeZindlovukazi zikaMageba ozoba seBat Centre, eThekwini, ngoSepthemba 28.
UZulu uthe abantu abeze ngobuningi babo ngoba kungenwa mahhala.
“Angigcini ngokuba nebhizinisi kodwa ngiyanikela emphakathini ngoba imikhiqizo yami ithengwa wumphakathi ngakho kufanele ngenze isiqiniseko sokuthi imindeni iyadla. Ngiphinde ngenze nesiqiniseko sokuthi umaskandi awushabalali ngokuba nomcimbi weZindlovukazi zikaMageba. Kubalulekile ukuthi singayikhohlwa imvelaphi yethu ngoba yenza sazi lapho sibheke khona.”
UZulu uthe eminyakeni emithathu ezayo uzimisele ukwandisa amathuba omsebenzi, izitolo okudayiswa kuzo imikhiqizo yakhe aze ayoyidayisa naphesheya.
“Osomabhizinisi abamnyama akufanele bazenyeze kodwa kufanele babe nokuzethemba badayise imikhiqizo yabo kuzo zonke izindawo. Abahlangane nezinhlanga ezehlukene ngoba mina ngihlangana namaNdiya, abelungu, amaChina nabamnyama bakwamanye amazwe.
“Eminye imikhiqizo yami yenziwa e-India ifike ngomkhumbi lapha. Nginezinhlelo zokufunda ukuzenzela yona ngithenge nemishini kwamanye amazwe yingakho ngixoxa nabanye abantu.”
UNksz Smangele Dlamini (32), osebenza eMaz Herbal, uthe ubeqashwe efemini yezicathulo kodwa wayeka ngenxa yokuthi amakhemikhali abemlimaza esifubeni.
“Ngiqale kule nyanga la eMaz Herbal futhi ngiyawuthanda umsebenzi engiwenzayo ngoba ngifaka amalebuli kumakhonteyina emikhiqizo yalapha ekhaya. Ngiphatheke kahle ngoba imikhiqizo eyenziwayo ayingilimazi ndawo,” kusho uNksz Dlamini.