ULerena usephupha ngokuvikela isicoco
UMPETHA we-IBO junior heavyweight ophinde abe yibhokisa elihola kakhulu eNingizimu Africa uKevin “Two guns” Lerena (27), uthi usekulungele ngayo yonke indlela ukuvikela isicoco sakhe kuSefer Seferi emqhudelwaneni iFist of Steel ozoba ngoMgqibelo.
Lo mqhudelwano yiGolden Gloves Promotions, uzoba se-Emperors Palace ngoMgqibelo ntambama. Lo mshayi sibhakela ongaconsi phansi kubalandeli bomdlalo wamankomane, okleliswe waba ngowesithupha yiWBC, kuthi kwiWBF ne-IBF abe ngowesihlanu, uthe uzokwenza into yamehlo uma esebhekene nalowo omcele inselelo ngempelasonto.
“Amagama ngeke anele ukuchaza indlela engizizwa ngayo njengamanje. Indlela esengilulangazelele ngayo lolu suku ayichazeki. Ngifisa engabe le mpi siyiqeda namuhla,” kusho uLerena.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuvikela isicoco sami. Sengilinde kwaze kwedlulela, sengiyiphupha noma ngilele impi.”
U-Two Guns, njengoba aziwa kanjalo kwezamankomane, wanqoba isicoco se-IBO ngoSepthemba 2017, ehlula uYouri Kalenga ngamaphuzu. Usebe ngumpetha wezicoco ezihlukene okubalwa i-WBF Africa, WBC Youth nePAN Africa.
Ngaphansi kwesandla sika Peter “Sniper” Smith, uLerena uzobe ebheke ukuvikela isicoco sakhe okwesihlanu ngempumelelo. Usesivikele izikhathi ezine ehlula uDmytro Kucher, Roman Golovashchenko, Artur Mann noVasil Durcar.
ULerena ozobe ebuyela eringini okwesithathu kulo nyaka. Wagcina ukulwa ngoJuni empini ayinqoba kuDucar waseCzech Republic.
Lowo omcele inselelo uSefer “The Real Deal” Seferi (40) ungowokudabuka eMacedonia kodwa usezinse eBurgdorf, eSwitzerland.
USeferi, okleliswe waba ngowesi-30 emhlabeni, ungumakadebona osenamava aziwayo esibhakeleni. Useke wabhekana namabhokisa asezakhele igama okubalwa kuwona owayengumpetha weWBA/IBF/WBO ne-IBO heavyweight, uTyson Furry, nalowo okleliswe waba ngowesihlanu emhlabeni uFirat Aslan.
Kwezinye izimpi ezizoba kulo mqhudelwano kubalwa ekampetha weWBA uJabulani Makhense ozobhekana nompetha we-IBF, uMario Matamba, empini yesisicoco se-IBF welterweight.