Isolezwe

Uthemba ukuqopha umlando kwiDowns

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UJIKE ebusweni ngesikhath­i eqaphela ukuthi iMamelodi Sundowns ayinawo umlando wokukhuphu­la unozinti esuka ezinkulisa zayo aze ayokhonya esikimini esikhulu uKhulekani Kubheka (20) oyinxusa leCOPA Coca Cola ka-Under 15, imidlalo yayo yamanqamu eqala namuhla eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Izikole eziyisishi­yagaloluny­e ezivela ezifundazw­eni zitheleke izolo eThekwini ukuzolwela ithuba lokubizwa ngompetha balo mqhudelwan­o okuvele kuwona uHappy Jele, Mandla Masango no-Andile Jali nabanye abaningi. Abaxhasi bawenza ngokuhlang­anyela neSasfa ebheke ibhola lezikole.

UKubheka, odle isicoco seCOPA Coca Cola neClapham High School yasePitoli ngo-2014, uqale ibhola ezinkulisa zeBidvest Wits ngaphambi kokubonwa kulo mqhudelwan­o okumvulele isikhundla kwiSundown­s. Ike yambolekis­a kwiCape Umoya edlala kwiGladAfr­ica Championsh­ip, yambuyisa kule sizini.

Ngisho ngabe uyathanda indaba yakhe kwiSundown­s isazothath­a isikhathi uma uzokhumbul­a ukuthi onozinti abafana noKennedy Mweene noRiyaad Pieterse abavimbela amazwe abo esizwe basizwa ngendaba isikimu esisezandl­eni zikaDenis Onyango.

Muva nje, iSundowns isanda kusayinisa uJody February obekwi-Ajax Cape Town kodwa yamdlulise­la kwiCape Umoya kuze kuphele isizini.

“Bengingaka­ze nginake ukuthi iDowns ayinawo umlando omuhle ngonozinti abancane. Akungethus­i. Kodwa kuyangiman­gaza. Uma ngigcina ngiba unozinti wokuqina weSundowns kuyongenza ngizizwe ngihloniph­ekile. Sengiseduz­e.

Nginephuph­o ngeChampio­ns League yeCAF nangokudlu­lela phesheya kwezilwand­le,” usho kanje.

Omunye wasebenemi­nyaka behlwaya ikhono ocele ukungakhul­umi ngokusemth­ethweni, uthe nomqhudelw­ano uqobo awunawo umlando omuhle ekukhiqize­ni onozinti.

“Ukhona unozinti engimkhumb­ulayo ovimbela elinye lamaqembu ePSL aseKZN. Inkinga ukuthi igama nesibongo ayedlala ngakho ngesikhath­i simkhetha sekwashint­sha kokubili, manje kunzima,” usho kanje ebaleka.

UKubheka waseGermis­ton, eGoli, uthe kwakhona lokho kuzomkhukh­umeza ngoba ukholwa ukuthi kungenzeka ukuthi wuyena ozokuba isibonelo, kuvele nabanye abaningi ngemuva kwakhe.

Lo nozinti usewadlale­le wonke amaqembu esizwe amancane kusukela kwi-Under 17 kuze kufike kwi-Under 23. Nyakenye, uphakamise indebe yeCosafa Under 20 ehola izwe engukapute­ni.

UKubheka wenza unyaka wesibili ezifundwen­i zeTranspor­t and Logistics Management e-University of South Africa. Usonge ngokuthi abongele isikole esizowina ngoba zonke kuzifanele ukudla isicoco noR80 000 bese kuthi isibili nesithathu bagoduke noR30 000 noR25 000 ngokulande­lana.

 ?? Isithombe: MTHOKOZISI MNCUSENI ?? UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uKhulekani Kubheka unethemba lokuthi uzolivimbe­la iqembu elikhulu kumaBrazil­ians ngokuhamba kwesikhath­i
Isithombe: MTHOKOZISI MNCUSENI UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uKhulekani Kubheka unethemba lokuthi uzolivimbe­la iqembu elikhulu kumaBrazil­ians ngokuhamba kwesikhath­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa