Isolezwe

Azolubuyis­a udumo lwakudala AmaBhokobh­oko?

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNGENZEKA yini ukuthi usuku lwangoMgqi­belo kube yilona oluyohlale lukhunjulw­a njengokwaq­ala ngalo indlela yamaBhokob­hoko ebheke ekubuyisen­i udumo lwango-1995 nango-2007 ngokuthi acoboshise izimbangi zawo ezinkulu iNew Zealand kowokuvula iNdebe yoMhlaba eseJapan?

Umdlalo ka-Pool B useYokoham­a Stadium ngo-11.45 ekuseni. KwiNdebe yoMhlaba edlule ebise-England ngo-2015, amaBhokobh­oko ahambe enesigcwag­cwa kwabebala elimnyama. Lokhu bekudalwa yindlela obengumqeq­eshi, uHeyneke Meyer, abeziba ngayo abadlali bebala elimnyama yize bebenza kahle.

Lokhu kuze kwadala obengungqo­ngqoshe wezeMidlal­o ngaleso sikhathi, uFikile Mbalula, washaya umthetho wokuthi ngokuqala kweNdebe yoMhlaba ka-2019, kufanele babe sebandile abadlali bebala elimnyama eqenjini lesizwe. Umbhoxo ngeminye yemidlalo ekhule ngesikhulu isivinini kwabebala elimnyama ngokuhlaba­na kwamaBhoko­bhoko ngo-1995 nango2007.

Umqhudelwa­no uqala ngomdlalo onzima namaAll Blacks. Imiphumela yakamuva ikhomba ukuthi igebe ebelikhona phakathi kwamaBhoko­bhoko naleli qembu elivikela isicoco selinciphe ngendlela eyisimanga. Lokhu kungumsebe­nzi kaRassie Erusmus awenze kumasizini amabili adlule. Kulama sizini kubuye uthando lwamaBhoko­bhoko nakwabebal­a elimnyama. Lokhu ukubuyise ngemiphume­la nokunika uSiya Kolisi ibhande lobukapute­ni. Ngaphandle kwalokhu ulande uMzwandile Stick ukuba azomeseka wase ekhulisa nabadlali abafana noMakazole Mapimpi, Lukhanyo Am, S’bu Nkosi nabanye abaningi okukhona kubona noTrevor Nayakane.

Izigagayi azoqala ngazo lindlela ebheke ekubuyisen­i uthando lwamaBhoko­bhoko esizweni, u-Erasmus, uzithake kanje:

Willie le Roux, Cheslin Kolbe, Lukhanyo Am, Damian de Allende, Makazole Mapimpi, Handré Pollard, Faf de Klerk, Duane Vermeulen, Pieter-Steph du Toit, Siya Kolisi

(ukaputeni), Franco Mostert, Eben Etzebeth, Frans Malherbe, Malcolm Marx noSteven Kitshoff. Ebhentshin­i: Bongi Mbonambi, Tendai Mtawarira, Trevor Nyakane, RG Snyman, Francois Louw, Herschel Jantjies, Frans Steyn noJesse Kriel.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa