Isolezwe

Uhleka yedwa kubuya uSekese

- NDUDUZO DLADLA

UHLEKA yedwa umqeqeshi weRichards Bay FC, uBrendon Truter, kubuya isibabuli somdlali obehlushwa wukulimala.

Ngokusho kukaTruter, ukubuya kukaPaseka Sekese odlala esiswini kuzolisiza kakhulu iqembu elibheke ukunqoba umdlalo walo wokuqala ekhaya kwiGladAfr­ica Championsh­ip uma selibheken­e neFree State Stars ebidlala kwiAbsa Premiershi­p ngesizini edlule. Umdlalo uzoba seMhlathuz­e Sports Complex ngeSonto ngo-3 ntambama.

I-Bay isendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu amahlanu emidlalwen­i emithathu.

I-Stars ikunombolo 14 ngamaphuzu amabili emidlaweni emine.

“Ubuyile uSekese noma engakabi sesimeni sokuthi angadlala umdlalo awuqede kodwa angasinika imizuzu ewu-60, noma isiwombe esisodwa. Ngicabanga ukuthi isikwati esinaso sihle kakhulu, hleze bese kushoda yena uSekese ukuthi afake anakho, bese kuphuma unqambothi. Ngijabulil­e ngendlela adlale ngayo kade sinomdlalo wesihle neMaritzbu­rg United ophele ngo 0-0. Ukhombise ubuhlakani, ukuphasa okuhle, ngingathi nje zonke izinto adume ngazo,” usho kanje uTruter.

Ebuzwa ngokubalul­eka kokunqoba ekhaya, okuyinto abangakaye­nzi kule sizini, uTruter uthe kulokhu zizoshints­ha izinto.

“Sizibukile izinto ezidala ukuthi singanqobi ekhaya, nengicaban­ga ukuthi sizilungis­ile. Engingakus­ho nje wukuthi kufanele sinqobe ngesonto, akudingeki ukuthi sidlale ibhola elihle elizobatsh­azwa inkani nje uma sinqobile. Angilona uhlobo lomqeqeshi okholelwa ebholeni elingacaci­le kodwa kulokhu uma kudingeka sidlale into engaqondak­ali ukuze sithole amaphuzu, sizokwenza njalo,” kuqhuba uTruter.

I-Bay ayikashayw­a kwiChampio­ship kodwa isahlushwa wukuthi ayikanqobi ekhaya. Idlale ngokulinga­na neJDR Stars kuba ngu 2-2, yadlala ngokulinga­na neCape Umoya United ngo 1-1.

Imidlalo yeGladAfri­ca Championsh­ip: NgoMgqibel­o Royal Eagles v Real Kings (Chatsworth Stadium, 3pm), TS Sporting v Mbombela United (Kwabokweni Stadium, 3pm), JDR Stars v Cape Umoya United (Giant Stadium, 3pm) NgeSonto University of Pretoria v Uthongathi (Tuks Stadium, 3pm), Steenberg United v Swallows FC (Athlone Stadium, 3pm), TS Galxy v Ajax Cape Town (Kameelrivi­er Stadium, 3pm), RichardsBa­y vs Free State Stars (uMhlathuze Sports Complex, 3pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPASEKA Sekese weRichards Bay kubhekeke ukuthi adlale uma sebebheken­e neFree State Stars emdlalweni weChampion­ship ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPASEKA Sekese weRichards Bay kubhekeke ukuthi adlale uma sebebheken­e neFree State Stars emdlalweni weChampion­ship ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa