Isolezwe

Baziqhenya ngabakwenz­e kwiNedbank Cup omakoti

- SITHEMBISO MKHIZE

OMAKOTI be-ABC Motsepe League iMovers FC neNatal Reach Boys (NRB) bazishaya isifuba ngengcweng­a yebhola abayidlale kwiNedbank Cup ngaphambi komdlalo wabo wokuvula iligi ozoqala ngo-1 emini eFNB Wadley Stadium, eMgungundl­ovu.

NgoMgqibel­o odlule la maqembu awine ngamagoli amathathu kweyokuhlu­ngela ukungena kwiLast 32 yeNedbank Cup.

IMovers yaseMgungu­ndlovu, eqeqeshwa uSenzo Shelembe ngokubambi­sana noKwanele Nxele noVictor Wanda obekwiReal Kings, ibhaxabule i-Edendale Juventus ngo-3-0.

I-NRB yaseMpange­ni, ecijwa uMajojo Mzimele ngokubambi­sana noThokozan­i Mpanza, ishaye iZululand Warriors (Amanzimtot­i Academy) ngo3-1.

Nakuba la maqembu efika kulesi sigaba kodwa abaphathi bawo balibeka ngembaba elokuthi bafuna ukuya emidlalwen­i yokuhlunge­la ukunyukela kwiGladAfr­ica Championsh­ip.

UShelembe obuye abe umnikazi weMovers, uthe uma bengabamba umgqigqo abadlale ngawo ngesikhath­i belungisel­ela ukuqala kwesizini nakwiNedba­nk, ubona lizofezeka iphupho labo lokuya kweyokuhlu­nga.

“Ngeke sikuvume ukuthi sishaywe abantu esifika nabo kulesi sigaba ekubeni sikwaze ukushaya iJuventus osekuphele isikhathi eside iyibambe kwi-ABC Motsepe League. Okunye okungijabu­lisayo abafana esibasayin­isile engibona bengena khaxa esitayelen­i sethu. Ngiphinde ngithokozi­swe ukuthi umdlalo wethu wokuqala sizowudlal­ela ekhaya,” kubeka uShelembe.

USbu Shandu, oyimenenja yeNRB, uthe babe namalungis­elelo amahle njengoba beze bathola umdlalo wobungani neLamontvi­lle Golden Arrows. Uthe ubufakazi balokhu yingcwenga yebhola edlalwe abafana bakhe.

“Sisayinise ubisi lwabafana kuzona zonke izindawo. Babukeke behlangana kahle nesinyuke nabo. Nakithina ngesifanay­o, ngeke sivume ukuvinjwa omakoti abafana nathi,” kusho uShandu.

Imidlalo ye-ABC Motsepe League ngoMgqibel­o ngo-1 emini:

KwaDabeka Sporting v Zululand (Sugar Xulu Stadium); Movers v NRB (Wadley). Ngo-3 ntambama: Durban FC v X1 Experience (Princess Magogo Stadium); Juventus v Dynamos (Wadley); GWP Friends v Rainham Sporting ( Workington); Milford FC v Natal United (Umhlathuze Sports Complex); Qwabe United (KwaDukuza) v Happy Wanderers (South Coast Academy).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa