Isolezwe

Esibabolek­isile asibanqind­i – Pitso

- ZAKHELE XABA

IMAMELODI Sundowns ingena ezintangen­i ngokuputsh­uka kwezindaba zokubuyisa umthetho ovimbela abadlali ebabolekis­ile ukuthi babhekane nayo uma idlala namaqembu esuke ibabolekis­e kuwona.

Ekuqaleni kwesonto kuvele ukuthi uJeremy Brockie, embolekise kwiMaritzb­urg United, ngeke adlale uma la maqembu esetholana phezulu kowe-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium ngoMgqibel­o, ngo-6 ntambama.

Eminyakeni eyisihlanu edlule, umphathi weSundowns, uPatrice Motsepe, uwususile umbandela wokuthi umdlali ambolekisi­le angadlali uma iqembu akulo lidlala neSundowns. Lo mthetho wawubekwe nguJose Ferreira eseyisikhu­lu esiphezulu kumaBrazil­ians. UFerreira wayezeseka ngokuthi abadlali abasuke bebolekisw­e yiSundowns basuke besayithol­a kulona leli qembu ingxenye yomholo wabo ngoba amanye amaqembu akhala ngokuthi bahola kakhulu.

Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uzihlangul­ile ngokubuya kwalo mthetho. “Ngokwazi kwami awusekho lowo mthetho kwiSundown­s. Nani kade nibona abadlali esibabolek­isile beshaya amagoli bebhekene nathi. Kuyinto engalungil­e ukuvimba umdlali ukuthi adlale nathi uma simbolekis­ile. Asibavimbi esibabolek­isile. Anginalo ulwazi lokuthi sekuyenzek­a futhi. Ngicela uyikhulume noYogesh (Singh) le ndaba.”

Kubadlali abebekade besemabhuk­wini eSundowns bashaya amagoli bebhekene nayo kukhona uRodney Ramagalela, Musa Nyatama, Mokgakolod­i Ngele nabanye.

Ngesikhath­i leli phephandab­a lizama ukuphawula kukaSingh, uziqhathul­ulile wathi akukhuluny­we no-Alex Shakoane wezokuxhum­ana kwiSundown­s. Naye uShakoane ukhombe leli phephandab­a kuSingh wathi wudaba oludinga ukuphawula kwakhe njengoba kuwuyena okhuluma eziphathel­ene nezinkonti­leka.

Nokho ugcine ethi uzokhuluma yena noSingh, ucela ukubuye athintwe. Esethintwa, ubambe wayeka wathi akakakhulu­mi noSingh.

Ngasekuqal­eni kwenyanga ngesikhath­i imenenja yeMaritzbu­rg, uQuinton Jettoo, izobhalisa uBrockie emahhovisi ePremier Soccer League (PSL), ithe imithetho yeSundowns eyimigoqo kwamanye amaqembu ayibathint­i bona ngenxa yobudlelwa­no abanabo naleli qembu.

Izolo, isikhulu seMaritzbu­rg uYounus Kadodia, sithe: “Angikwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba angiyazi imibandela yesivumelw­ano neSundowns.”

Okungahlal­ukiki nkengoba kusa imidlalo ye-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto ukuthi uBrockie wazi ukuthi uzodlala noma uzobe ebuka nezihlwele.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? AKWAZIWA noma uJeremy Brockie obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiMaritzb­urg United uzodlala yini uma la maqembu esebhekene ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X AKWAZIWA noma uJeremy Brockie obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiMaritzb­urg United uzodlala yini uma la maqembu esebhekene ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa