Uphika eyokuxoshwa kwiLeopards uNgubane
OBEYIMENENJA yabadlali kwiBlack Leopards, uMlungisi Ngubane, ubona ukuthi ubezobe efana nomdayisi ukube ubesala ngemuva eqenjini ngesikhathi abaphathi beqembu bededela obengumqeqeshi uLionel Soccoia noPatrick Mabedi.
Ukugcizelele ukuthi akazange axoshwe futhi ubengahlangene nokubhimba kwemiphumela etholwe yiqembu.
I-Leopards iwine kanye, yadlala kanye ngokulingana yashaywa emidlalweni emithathu okubalwa nowangempelasonto edlule lapho iguqiswe yiBaroka FC ngo 2-0 phambi kwabalandeli bayo eThohoyandou Stadium.
USoccoia ube ngumqeqeshi wesithathu ukuxoshwa kwi-Absa Premiership elandela uClinton Larsen odilizwe iChippa United, noCavin Johnson obeqeqesha AmaZulu FC.
“Sibe nomhlangano noChief (Tshifiwa Thidiela) kwashiwo ukuthi imiphumela mibi. Nami ngivumile, savumelana ngokuthi kulungile uma kuwukuthi kufuneka abantu abazoyisa iqembu phambili.
“Ngasho ukuthi anginayo inkinga yokugudluka ngoba vele ngine-Foundation yami okumele ngiyibheke. Uma kade nisebenzisana nabantu, akungathi uma sebehamba bese uyasala. Uma wenza kanjalo kukhomba ukuthi kukhona obukukhuluma ngabo,” kusho uNgubane.
Uthe uzobuyela KwaZuluNatal ayogxila esikhungweni sakhe sokuthuthukisa abadlali njengoba maduze ezimisele ngokwenza inhlolokhono.
Ukugcizelele ukuthi yena akaxoshwanga.
“Umsebenzi wami ubungahlangene nokuqeqesha noma ukuqokwa kwesikimu,” kusho yena.
Imenenja jikelele uThidiela iveze ukuthi balalele isikhalo sabalandeli nemiphumela engemihle ngesikhathi bethatha isinqumo sokudedela uSoccoia. “Ngenxa yengcindezi ebesiyithola kubalandeli nabo bonke abantu abathinta iqembu ngendlela iqembu elidlala ngayo, sibe sesithatha isinqumo sakhuluma nethimba savumelana ngokuhlukana. IThohoyandou isiyisidleke. Uma uya laphaya kunenqwaba yabalandeli, ngakho uma sekunezikhalo khona uyaqala ukukhathazeka. Yonke into esiyenzayo siyenzela abalandeli, kumele siqinisekise ukuthi bagculisekile,” kusho uTshifiwa.
Emdlalweni olandelayo iLeopards izobhekana neStellenbosch FC e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Kushone elayizolo ingakamemezeli ukuthi ubani ozobamba njengomqeqeshi kulo mdlalo.
UThidiela uveze ukuthi abadlali ngesonto elizayo bazothola ithuba elihle lokuthungatha umqeqeshi.