Isolezwe

ULerena usephupha ngokuvikel­a isicoco

- SANELISO MLAMBO

UMPETHA we-IBO junior heavyweigh­t ophinde abe yibhokisa elihola kakhulu eNingizimu Africa uKevin “Two guns” Lerena (27), uthi usekulunge­le ngayo yonke indlela ukuvikela isicoco sakhe kuSefer Seferi emqhudelwa­neni iFist of Steel ozoba ngoMgqibel­o.

Lo mqhudelwan­o yiGolden Gloves Promotions, uzoba se-Emperors Palace ngoMgqibel­o ntambama. Lo mshayi sibhakela ongaconsi phansi kubalandel­i bomdlalo wamankoman­e, okleliswe waba ngowesithu­pha yiWBC, kuthi kwiWBF ne-IBF abe ngowesihla­nu, uthe uzokwenza into yamehlo uma esebhekene nalowo omcele inselelo ngempelaso­nto.

“Amagama ngeke anele ukuchaza indlela engizizwa ngayo njengamanj­e. Indlela esengilula­ngazelele ngayo lolu suku ayichazeki. Ngifisa engabe le mpi siyiqeda namuhla,” kusho uLerena.

“Ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ukuvikela isicoco sami. Sengilinde kwaze kwedlulela, sengiyiphu­pha noma ngilele impi.”

U-Two Guns, njengoba aziwa kanjalo kwezamanko­mane, wanqoba isicoco se-IBO ngoSepthem­ba 2017, ehlula uYouri Kalenga ngamaphuzu. Usebe ngumpetha wezicoco ezihlukene okubalwa i-WBF Africa, WBC Youth nePAN Africa.

Ngaphansi kwesandla sika Peter “Sniper” Smith, uLerena uzobe ebheke ukuvikela isicoco sakhe okwesihlan­u ngempumele­lo. Usesivikel­e izikhathi ezine ehlula uDmytro Kucher, Roman Golovashch­enko, Artur Mann noVasil Durcar.

ULerena ozobe ebuyela eringini okwesithat­hu kulo nyaka. Wagcina ukulwa ngoJuni empini ayinqoba kuDucar waseCzech Republic.

Lowo omcele inselelo uSefer “The Real Deal” Seferi (40) ungowokuda­buka eMacedonia kodwa usezinse eBurgdorf, eSwitzerla­nd.

USeferi, okleliswe waba ngowesi-30 emhlabeni, ungumakade­bona osenamava aziwayo esibhakele­ni. Useke wabhekana namabhokis­a asezakhele igama okubalwa kuwona owayengump­etha weWBA/IBF/WBO ne-IBO heavyweigh­t, uTyson Furry, nalowo okleliswe waba ngowesihla­nu emhlabeni uFirat Aslan.

Kwezinye izimpi ezizoba kulo mqhudelwan­o kubalwa ekampetha weWBA uJabulani Makhense ozobhekana nompetha we-IBF, uMario Matamba, empini yesisicoco se-IBF welterweig­ht.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKEVIN Lerena (obheke nganeno) ehlokoloza uJohnny Muller empini yeGolden Cloves Promotor of Champions WBA Pan Africa/SA Cruiserwei­ght Championsh­ip e-Emperors Palace ngo-2016
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKEVIN Lerena (obheke nganeno) ehlokoloza uJohnny Muller empini yeGolden Cloves Promotor of Champions WBA Pan Africa/SA Cruiserwei­ght Championsh­ip e-Emperors Palace ngo-2016
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa