Uhleka yedwa kubuya uSekese
UHLEKA yedwa umqeqeshi weRichards Bay FC, uBrendon Truter, kubuya isibabuli somdlali obehlushwa wukulimala.
Ngokusho kukaTruter, ukubuya kukaPaseka Sekese odlala esiswini kuzolisiza kakhulu iqembu elibheke ukunqoba umdlalo walo wokuqala ekhaya kwiGladAfrica Championship uma selibhekene neFree State Stars ebidlala kwiAbsa Premiership ngesizini edlule. Umdlalo uzoba seMhlathuze Sports Complex ngeSonto ngo-3 ntambama.
I-Bay isendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emithathu.
I-Stars ikunombolo 14 ngamaphuzu amabili emidlaweni emine.
“Ubuyile uSekese noma engakabi sesimeni sokuthi angadlala umdlalo awuqede kodwa angasinika imizuzu ewu-60, noma isiwombe esisodwa. Ngicabanga ukuthi isikwati esinaso sihle kakhulu, hleze bese kushoda yena uSekese ukuthi afake anakho, bese kuphuma unqambothi. Ngijabulile ngendlela adlale ngayo kade sinomdlalo wesihle neMaritzburg United ophele ngo 0-0. Ukhombise ubuhlakani, ukuphasa okuhle, ngingathi nje zonke izinto adume ngazo,” usho kanje uTruter.
Ebuzwa ngokubaluleka kokunqoba ekhaya, okuyinto abangakayenzi kule sizini, uTruter uthe kulokhu zizoshintsha izinto.
“Sizibukile izinto ezidala ukuthi singanqobi ekhaya, nengicabanga ukuthi sizilungisile. Engingakusho nje wukuthi kufanele sinqobe ngesonto, akudingeki ukuthi sidlale ibhola elihle elizobatshazwa inkani nje uma sinqobile. Angilona uhlobo lomqeqeshi okholelwa ebholeni elingacacile kodwa kulokhu uma kudingeka sidlale into engaqondakali ukuze sithole amaphuzu, sizokwenza njalo,” kuqhuba uTruter.
I-Bay ayikashaywa kwiChampioship kodwa isahlushwa wukuthi ayikanqobi ekhaya. Idlale ngokulingana neJDR Stars kuba ngu 2-2, yadlala ngokulingana neCape Umoya United ngo 1-1.
Imidlalo yeGladAfrica Championship: NgoMgqibelo Royal Eagles v Real Kings (Chatsworth Stadium, 3pm), TS Sporting v Mbombela United (Kwabokweni Stadium, 3pm), JDR Stars v Cape Umoya United (Giant Stadium, 3pm) NgeSonto University of Pretoria v Uthongathi (Tuks Stadium, 3pm), Steenberg United v Swallows FC (Athlone Stadium, 3pm), TS Galxy v Ajax Cape Town (Kameelrivier Stadium, 3pm), RichardsBay vs Free State Stars (uMhlathuze Sports Complex, 3pm)