Baziqhenya ngabakwenze kwiNedbank Cup omakoti
OMAKOTI be-ABC Motsepe League iMovers FC neNatal Reach Boys (NRB) bazishaya isifuba ngengcwenga yebhola abayidlale kwiNedbank Cup ngaphambi komdlalo wabo wokuvula iligi ozoqala ngo-1 emini eFNB Wadley Stadium, eMgungundlovu.
NgoMgqibelo odlule la maqembu awine ngamagoli amathathu kweyokuhlungela ukungena kwiLast 32 yeNedbank Cup.
IMovers yaseMgungundlovu, eqeqeshwa uSenzo Shelembe ngokubambisana noKwanele Nxele noVictor Wanda obekwiReal Kings, ibhaxabule i-Edendale Juventus ngo-3-0.
I-NRB yaseMpangeni, ecijwa uMajojo Mzimele ngokubambisana noThokozani Mpanza, ishaye iZululand Warriors (Amanzimtoti Academy) ngo3-1.
Nakuba la maqembu efika kulesi sigaba kodwa abaphathi bawo balibeka ngembaba elokuthi bafuna ukuya emidlalweni yokuhlungela ukunyukela kwiGladAfrica Championship.
UShelembe obuye abe umnikazi weMovers, uthe uma bengabamba umgqigqo abadlale ngawo ngesikhathi belungiselela ukuqala kwesizini nakwiNedbank, ubona lizofezeka iphupho labo lokuya kweyokuhlunga.
“Ngeke sikuvume ukuthi sishaywe abantu esifika nabo kulesi sigaba ekubeni sikwaze ukushaya iJuventus osekuphele isikhathi eside iyibambe kwi-ABC Motsepe League. Okunye okungijabulisayo abafana esibasayinisile engibona bengena khaxa esitayeleni sethu. Ngiphinde ngithokoziswe ukuthi umdlalo wethu wokuqala sizowudlalela ekhaya,” kubeka uShelembe.
USbu Shandu, oyimenenja yeNRB, uthe babe namalungiselelo amahle njengoba beze bathola umdlalo wobungani neLamontville Golden Arrows. Uthe ubufakazi balokhu yingcwenga yebhola edlalwe abafana bakhe.
“Sisayinise ubisi lwabafana kuzona zonke izindawo. Babukeke behlangana kahle nesinyuke nabo. Nakithina ngesifanayo, ngeke sivume ukuvinjwa omakoti abafana nathi,” kusho uShandu.
Imidlalo ye-ABC Motsepe League ngoMgqibelo ngo-1 emini:
KwaDabeka Sporting v Zululand (Sugar Xulu Stadium); Movers v NRB (Wadley). Ngo-3 ntambama: Durban FC v X1 Experience (Princess Magogo Stadium); Juventus v Dynamos (Wadley); GWP Friends v Rainham Sporting ( Workington); Milford FC v Natal United (Umhlathuze Sports Complex); Qwabe United (KwaDukuza) v Happy Wanderers (South Coast Academy).